umhlaba

Kushone 12 kuhlaselwa e-Iraq

2013-05-22 15:56

Ushayasibhamu ongaziwa uvulele ngenhlamvu kwashona abantu besifazane abayisikhombisa nabesilisa abahlanu endaweni yokuthengisa ngomzimba eBaghdad.

Zitholakele zonke izidumbu emayini

2013-05-22 14:01

Abatakuli ngoLwesithathu bathole isidumbu sokugcina kwabangu-28 abashone ngeledlule ngesikhathi kubhidlika igumbi elingaphansi komhlaba emayini e-Indonesia.

Imeya iphika olwezidakamizwa

2013-05-22 12:02

IMeya yaseToronto, uRob Ford, uqhubekile nokubalekela imibuzo nge-video, emveza ebhema isidakamizwa se-cocaine, phezu kokuphoqwa yizimbangi ukuthi aphendule.

Kushone 11 engozini yebhasi eNdiya

2013-05-21 16:11

Amaphoyisa athi kushayisane iloli nebhasi enhla nezwe laseNdiya, kwashona abantu abangu-11, abahlanganisa abayisikhombisa ebebephuma emshadweni.

Ibhomu libulale 6 e-Afghan

2013-05-21 12:03

Isikhulu sase-Afghanistan sithi ukuqhuma kwebhomu okunamandla okwenzeke eceleni komgwaqo kubulale amaphoyisa ayisithupha entshonalanga yezwe.

U-Obama uhlela ukuhambela kuleli

2013-05-21 07:20

UMengameli waseMelika uBarack Obama uzohambela e-Afrika okokuqala ngqa ngokomsebenzi, ohambweni azobonakala kulona eNingizimu Afrika, iSenegal, neTanzania.

Ludla lubi udlame e-Iraq

2013-05-20 14:04

Izinsuku ezimbili zokuqhuma kwamabhomu, kuhlaselwa amaphoyisa kanye nokwehluleka ukuhlenga abebethunjiwe kushiye kubulawe abantu abangu-50 e-Iraq.

Ibhomu libulale 10 e-Iraq

2013-05-20 10:03

Izikhulu zase-Iraq zithi amabhomu abetshalwe ezimotweni ezimbili edolobheni eliseningizimu nezwe iBasra aqhume kwashona okungenani abantu abangu-10.

Abayizwa eyomdlalo othi 'uNkulunkulu uyisigekeleqe'

2013-05-17 16:28

Umdlalo wasesiteji obizwa ngokuthi yi ”God is a gangster" uzobukiswa ngaphansi kweso elibukhali lamaphoyisa eRomania, kulandela izinsongo.

U-Obama ufuna ehle u-Assad

2013-05-17 12:02

Emizamweni yokuhlela izingxoxo zokudala ukuthula nokuqeda izimpi kwelaseSyria, umengameli waseMelika uBarack Obama ugcizelele ngokuthi kumele ashenxe uBashar Assad.

Luyaqhubeka udlame eBaghdad

2013-05-17 07:27

Kulokhu kuqhubekile ukutshalwa kwamabhomu namadelakufa aziqhumisa nawo emakethe eseBaghdad, nosekubulale cishe abantu abangu-25.

Bagwetshiwe ababelambisa isisebenzi

2013-05-16 14:03

Inkantolo yaseMalaysia ngoLwesine igwebe izithandani zakuleliya lizwe iminyaka engu-24 umuntu ngamunye zibhadla ejele ngokulambisa umsizi wasendlini waze washona.

Kushone 6 kusha umkhumbi eJapan

2013-05-16 10:01

Izidumbu eziyisithupha, okusolakala ukuthi ngezabasebenzi basemkhunjini waseRussia, zitholakale emkhunjini othwala izimpahla noqubuke umlilo echwebeni eliseJapan.

Uthweswe icala obeduvise iposi

2013-05-15 16:08

Indoda yaseNtaliyane, esiqhingini saseSardinia, ithweswe icala lokweba ngemuva kokuthi kutholakale izicwadi zabantu eziyisisindo esingu-400kg, ziduve emzini wayo.

 

 

Kuhlonzwa umonakalo e-Oklahoma

2013-05-22 07:21

Abatakuli bebehamba izakhiwo bethungatha izisulu nabasindile kulandela isishingishane esicekele phansi imizi kwashona okungenani abantu abangu-24, e-Oklahoma City.

Siyanyuka esabashone efemini eChina

2013-05-21 14:01

Ukuqhuma okwenzeke efemini yaseChina kushiye abantu abangu-13 beshonile nabangu-20 bengakatholakali, kusho abezindaba bakuleliya lizwe

Kushone 91 kuhlasela isiphepho e-Oklahoma

2013-05-21 10:02

Isishingishane esinamandla sihlasele edoloheni i-Oklahoma City, kwawa imizi eminingi, nezikole, kwashona nabantu abalinganiselwa ku-91, abahlanganisa izingane ezingu-20.

Kushone 8 kuhlasela amadelakufa eRussia

2013-05-20 16:15

Okungenani abantu abayisishiyagalombili bashonile ngesikhathi kuba nezehlakalo ezimbili zabantu abaziqhumisa ngamabhomu besezimotweni eRussia.

Kushone 5 kunokuqhuma efemini eChina

2013-05-20 12:04

Ukuqhuma okwenzeke efemini yeziqhumane empumalanga yeChina kubulale bantu abahlanu kwashiya abangu-20 bedukile, kusho umbiko wakamuva.

Zimkhalele osolwa ngokubulala izingane zakhe

2013-05-20 07:22

Amaphoyisa aseFrance apheka ngemibuzo owesilisa, 48, odivosile mayelana nokunqunywa uqhoqhoqho kwezingane zakhe ezimbili ezisencane, kusho izikhulu zezobulungiswa.

Izikhukhula zidlule nemiphefumulo eChina

2013-05-17 14:03

Izikhukhula kanye nokuguguleka komhlabathi, kushiye abantu abangu-34 beshonile kwathi abangu-12 banyamalala, abanye bathuthelwa ezindaweni eziphephile eChina.

Kuzovalwa oncamnce ezikoleni ePeru

2013-05-17 10:05

Umengameli wasePeru usayine umthetho omusha nokuhlelwe ngawo ukunciphisa izinga lokukhuluphala kuze kweqe ezinganeni, kusho umbiko wakamuva.

Uzidubule wazibulala phambi kwezingane

2013-05-16 16:17

Indoda esikhulile elinganiselwa eminyakeni engu-60 ubudala, izidubule yazibulala phambi kwezingane zasenkulisa eParis, kusho abezindaba zakwa-BFM-TV.

Ubhekwe esentambo owabulala isoka

2013-05-16 12:01

UJodi Arias, waseCalifornia, olahlwe yicala lokubulala ngesihluku owabe eyisoka lakhe, angase anikwe isigwebo sentambo njengoba kutholakale ukuthi waba nesihluku.

Linyukile elabashone kolwase-Indonesia

2013-05-16 07:26

Abatakuli baphinde bathola isidumbu esisodwa emayini edilikile empumalanga ne-Indonesia, kusho amaphoyisa, nathi lokhu sekubeka inani labashonile kwabayisihlanu.

 
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C Sunny. Mild. PE: 16-21°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...