Kubulawe unogada kamengameli Zuma

2015-10-26 11:31

Durban – Kuningi okungaqondakali ngokubulawa komunye wonogada baMengameli Jacob Zuma, odutshulwe ngempelasonto, kusho umbiko.

Okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane uthe uSergeant N J Magwaza udutshulwe eNtumeni, eShowe, ngabo-01:30 ngoMsombuluko.

Kuthiwa ubejutshwe ukuba aqaphe umuzi kaZuma oseNkandla, kepha ubengekho emsebenzini ngesikhathi sesigameko, kubika iThe Mercury.

“UMagwaza, obesebenza ngaphansi kophiko iPresidential Protection Unit, ubulawe esemzini wakhe eNtumeni, eShowe. Uhlaselwe yindoda engaziwa yamdubula,” kusho uZwane.

OLUNYE UDABA: Isikhulu senkampani yonogada sidubule sabulala unogada

UZwane uthe umhlaseli uzame ukokhela ngomlilo indlu obekulele kuyo uMagwaza, umlilo wabhulwa.

Uthi umhlaseli ube esebaleka nesibhamu sikaMagwaza.

Amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 16-31°C Showers late. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Warm. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 12-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...