Kuboshwe 'ugogo' ngokubulawa komzukulu eKZN

2015-02-14 11:02

Durban - Ngesikhathi abafundi bekhanyisa amakhandlela eduze kwesitamkoko okwatholakala kusona uShahiel Sewpujun, 9, eseshonile, amaphoyisa abelungiselela ukuthweswa owesifazane wesibili icala lokubulala.

NgoLwesihlanu bekunamahlebezi athi abasolwa bazothwesa icala lokubulala ngokungenhloso ngoba umfana wayenesefo se-asthma kodwa amaphoyisa akuchithile lokho.

Nakuba kungaqinisekiswanga, abaholi bomphakathi kanye nezakhamuzi bathi amaphoyisa athunganga abanye okungenzeka ukuba bayathinteka kuloludaba.

Ntambama ngoLwesihlanu, owesifazane wesibili uthweswe icala esiteshini sampahoyisa ePhoenix, kanti ngeke lidalulwe igama lakhe kuze kube uvela enkantolo.

Funda nalolu daba: Kushone 1 kwalimala 3 kweyomgwaqo

Lona wesifazane uchithe ubusuku bonke esitokisini kanye nomsolwa wokuqala, uKavitha Naicker, 31, ongu-anti kamufi.

Abasolwa baqashwe ngelibukhali esitokisini, ngemuva kokuzama ukuzibulala.

“Njengamanje bathweswe icala lokubulala, kanti kungase kwengezwe namanye amacala,” kusho uMajor Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Owesifazane owesibili kulindeleke ukuba yena avele eNkantolo yeMantshi ngoMsombuluko, kuthi uNaicker yena avele okwesibili ngoLwesibili, kubika i-Independent on Saturday

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...