Indodana kaZuma ezikweletini zomshado

2012-05-08 08:10
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Inkampani ehlela imishado ifuna indodana kaMengameli Jacob Zuma ibakhokhele u-R1.5 million kulandela ukuhluleka ukuyikhokhela ngesikhathi ihlela umshado wayo, ngokusho kombiko wephephandaba ngoLwesibili.

U-Edward Zuma washada noPhumelele Shange ngo-Okthoba wonyaka ofile.

Umcimbi oba ngemuva komshado, owawunezicukuthwane ezingu-500, wawubanjelwe eTala Game Reserve ngaseCamperdown, kubika iThe Star.

NgoMsombuluko le nkampani ezinze eGlenwood iFunctions for Africa CC ifakele uZuma amaphepha eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngaphambi kweJaji uKevin Swain.

UZuma uphinde wayalelwa ukuba akhokhe izindleko zecala kulandela yena noma ummeli wakhe bengafikanga enkantolo.

OweFunctions for Africa uPaul Mann uthi uZuma wakhokha u-R1 million kuphela ku-R2.5 million awukweletayo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-18°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Pta: 8-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-19°C Sunny. Mild. Bloem: 9-23°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-29°C High level clouds. Pleasantly warm. PE: 12-20°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...