Kushone abantu abangu-21 kugingqika iloli eZimbabwe

2017-12-04 12:34

Harare - Kushone okungenani abantu abangu-21 ngempelasonto ngesikhathi iloli ligingqika entshonalanga yeZimbabwe, kusho abezindaba abangaphansi koMbuso ngeSonto.

Le loli belithwele abantu abangu-69 ngesikhathi lihluleka ukujika ekhoneni lase liyagingqika esifundeni iTsholotsho ngoMgqibelo ebusuku, ngokusho kombiko weZimbabwe Broadcasting Corporation (ZBC).

OLUNYE UDABA: Kushone abantu abangu-10 engozini eyenzeke eLimpopo

Kulaba abashonile, abangu-15 bashone endaweni yesigameko kwathi abanye abayisithupha bashonela esibhedlela, kusho umbiko we-ZBC. Abanye abantu abangu-21 balimalile kule ngozi.

Izingozi zomgwaqo zijwayalekile eZimbabwe, lapho imigwaqo ingekho esimweni esikahle ngenxa yokuthi sekuphele isikhathi eside ingalungiswa.

NgoJuni, kwashona abantu abangu-43 engozini yomgwaqo eyenzeka enyakatho yezwe, ngasemgwaqeni omkhulu ophumela ezweni elingumakhelwane iZambia.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...