Ziyawushaya kunkosikazi kaKansas

2017-07-30 15:01

Durban - Uzoshada umshado omhlophe obeyinkosikazi yomsakazi obedumile oKhozini FM, lusabizwa ngeRadio Zulu, uCyril Bongani “Kansas” Mchunu. 

UMapule Mchunu (uMaZungu) - osezibiza ngoMchunu-Ngobese - uzoshada nesinqandamathe sakhe esingumphathisiteshi weNanda FM, uThandeka Msani-Ngobese. 

Ngaphambi komshado kuzoba nemicimbi yokuphana ngezipho phakathi kwemindeni yomibili. 

OLUNYE UDABA: Angeke sisashada esomculo weKwaito

ILANGA LangeSonto lipotshozelwe yimithombo yalo ethembekile ngalezi zinhlelo, yathi kuzoba nomembeso bese kugcina umshado kodwa kwathiwa le ndaba ikhulunyelwa phansi. 

UThandeka noMapule bayichithile eyomembeso, bathi akuwona kodwa imindeni izobe iphana izipho nje. 

Umcimbi wokuqala wokuphana ngezipho kubikwa ukuthi uzoba kwaZungu eLindelani kubo kaMapule, abakwaNgobese behambise izipho kuthi ngesonto elilandela lapho ube kwaNgobese, eChesterville. 

Kuthiwa indlela indaba efihlwe ngayo bekungakhishwa ngisho amakhadi ezimemo kodwa ubutshelwa ngomlomo ukuthi wamukelekile ukufika emcimbini. 

Ngesikhathi leli phephandaba lixhumana noThandeka nge-nhloso yokuqinisekisa lezi ndaba, ucele intatheli ukuba bahlangane eSuncoast Casino lapho etheleke khona ehamba nesithandwa sakhe, uMapule. 

Belandisa leli phephandaba bathe: “Ukhona umcimbi woku-phana ngezipho esizoba nawo phakathi nenyanga ezoqala (August) kodwa besingafuni udume ngoba ngowemindeni emibili kuphela.” 

Becacisa ngomcimbi wabo bathe: “Owethu umcimbi wehlukile, akulotsholwa futhi akekho umyeni, sobabili singa-bantu besifazane ngakho indaba yelobolo ayisebenzi.” 

Bagcizelele ukuthi ukuphana ngezipho kwemindeni yabo ?bakwenza ngoba beyibonga ngokubeseka kwayo nokuveza ukuthi akekho olobola omunye. 

Umcimbi omkhulu, okuwumshado omhlophe, bathi uzoba seTanzania ngoZibandlela (December) lapho kuzobe kumenywe khona abakhethekileyo kuphela. 

Lezi zithandani zithi ziphoqelekile ukuba zishade ngenxa yokuhlonipha nokwesaba uNkulunkulu. 

UMapule noThandeka baphethe ngokucela abantu ukuba babanike ithuba bajabulise imindeni yabo ngaphandle kokuphazanyiswa. 
UMapule ungumsakazi aphinde abe sophikweni lwezokumaketha kwiNanda FM. 



- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...