Ziyawushaya kungqongqoshe nokaMiss Indoni

2018-01-28 11:08

Durban – Kulindeleke ziwushaye maduze kuNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uMnu Nathi Nhleko nesinqandamathe sakhe uDkt Nomcebo Mthethwa, owaziwa ngomcimbi kazime waminyaka yonke Indoni Miss Cultural.

Ngokuthola kwaleli phephandaba bekumele ngabe lo mshado ube ngonyaka ophelile kodwa ngenxa yokugula kukanika kaDkt Mthethwa, okugcine kumenele ukufa, kuphoqe ukuba zihlehliswe izinhlelo zomshado.

Amalobolo sekunesikhathi aqedwa osekusele usuku lomshado okulindeleke ukuba lube selwaziwa ngoJuni nonyaka.

Elandisa ILANGA LangeSonto uDklt Mthethwa ngalolu daba uthe: “Ukube asiphazanyiswanga wukushona kukamama ngonyaka ophelile ngabe kade umshado waba khona.

“Umama kuvele ukuthi unomdlavuza wesibindi ngonyaka wezi-2016 kodwa ukugula kuze kwasiphuca yena ngonyaka odlule – ngaleyo ndlela kube sekuphoqeleka ukuba sizimise izinhlelo zomshado.

“Noma kanjani ngoJuni luyaphuma usuku futhi umshado wethu uyoba yizinsuku ezimbili ngoba sizowuhlukanisa ngokohlelo lwesintu nolwasentshonalanga.

“Nakuba indawo esizoshadela kuyona singakayihlonzi kodwa kungenzeka kube seMpangeni kubo kamkhwenyana noma ube seNonoti okuyindawo enomuzi wethu ngaseBallito,” kuphetha yena.

Kuzokhumbuleka ukuthi zizobe seziwushaya okwesine kuMnu Nhleko njengoba kukhona amanye amakhosikazi ache afaka izehlukaniso nawo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...