Ziqothwe zihlela ukuyobulala izinkabi

2017-10-09 16:00

Durban - Basale enkundleni abathathu abasolwa ngokuba yizinkabi abadutshulwe babulawa ngamaphoyisa endaweni yaseNgonyameni, eMtshezi, maphakathi neKwaZulu-Natal, ngoMgqibelo ebusuku okunezinsolo eziqinile zokuthi zibulawa nje bezihlela ukuyobulala kwenye indawo.

ILANGA lithole ngemithombo yalo engashayi eceleni ukuthi amaphoyisa ancinzwe indlebe ngomhlangano obubanjwe yilezi zinkabi emzini kasomatekisi naye osolwa ngokuba ngubhongoza wezinkabi zihlela ukuyoqotha kwenye indawo.

OLUNYE UDABA:Kubulawe usomatekisi eKZN

Kuthiwa amaphoyisa anikele kulo muzi nebala azithola phezu kwazo lezi zinkabi zihlome ngezibhamu kwasuka isidumo kudubulana amaphoyisa nazo. Kulesi sigameko kushone abasolwa abathathu kwalimala nephoyisa elilodwa elidubuleke emlenzeni laphuthunyiswa esibhedlela, kwaboshwa nabasolwa abathathu abasindile.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, kuthiwa izinkabi lezi bese zihlala kulo muzi ngemuva lwesigameko esenzeke ngeledlule sokudutshulwa kubulawe omunye umnikazi wamatekisi eGoli naye okusoleka ukuthi uyinkabi.

Imithombo yeLANGA ithi ababulewe bebehleli kulo muzi nje bebecashile njengoba besoleka ekubulaweni komunye wosomatekisi eGoli, behlela netulo lokuyobulala.

Kuthiwa bebefunwa ngabanye ozakwabo abayizinkabi nabo befuna ukuziphindisela ngokubulawa kwalo somatekisi eGoli.

Thola udaba oluphelele kwiphephandaba ILANGA.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...