Zimkhalele 'osakaze' umfundi ngempama

2017-09-22 07:02

Durban - Ulale ebaliwe uthisha waseSenzangakahle High School eNgwegweni, eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal, osolwa ngokusakaza umfundi ngempama ngenxa kamakhalekhukhwini.

USbusizo Selepe, 44, kuthiwa ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngenxa yokushaya u-Andiswa Masuku, 15, ofunda uGrade 9 ngomhlaka-22 Agasti.

Kuthiwa indaba isuswe wukukhala kamakhalekhukhwini ekilasini okuthe uthisha ebuza ukuthi ukhalaphi, bonke abafundi bazihlangula.

Umndeni ka-Andiswa uthi kawufuni nakuyizwa eyokuba uSelepe aqhubeke nokusebenza ngoba ukhombise ukungawuhloniphi ngesikhathi uzwakalisa ukungaphatheki kahle ngesenzo sokushaya ingane yawo.

OLUNYE UDABA: Usenkingeni uthisha obeshela umfundi, 10

Uninakhulu ka-Andisa, uMaria Masuku, uthi okubahlukumeze kakhulu emndenini wukuthi selokhu ingane yabo ishayiwe inenkinga yendlebe. Uthi ngokombiko kadokotela umzukulu wakhe wophele ngaphakathi.

"Ngikhuluma naye lo thisha wathi kakusilona iqiniso ukuthi ushaye ingane kwathi noma ngitshela umphathi wesikole wavele wayiziba le ndaba. Ngigcine sengibhoka wabe esethi mangihambe ngiye lapho engizosizakala khona.

"Yile nto esicasulile siwumndeni ngoba ingane inenkinga manje ngenxa yokulimala," kusho ugogo wengane.

USihlalo wesugungu esilawula isikole uGcinumuzi Dlamini, uthi okubaphathe kabi abazali wukuthi akethulwanga ngokusemthethweni uthisha njengoba kuvela ukuthi kwenzeka lesi sigameko nje ubenezinyanga ezimbalwa efikile kulesi sikole.

Thola udaba oluphelele kwiphephandaba ILANGA.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...