Wethuse abasekhweni elobola umkakhe okwesibili

2016-09-22 13:39

Durban - Uthuse abasekhweni lakhe uMnu David Ntshangase weBit By Bit Nite Club eseMtubatuba, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal, ozakhele udumo ngokuhlela uzime wendoda embi, njengoba eselobola umkakhe okwesibili ngelobolo eligcwele.

Lesi sinqumo sakhe sibamangalise abasekhweni lakhe okuyimanje basabambe ongezansi. UMnu Ntshangase ushade nowakwakhe, uNkk Siphiwe Ntshangase, uMaKhumalo ngonyaka wezi-2011.

UMaKhumalo ungowaselokishini KwaMsane khona eMtubatuba.

Umnewabo, uMnu Khulekani Khumalo, utshele ILANGA ukuthi mhla zi-28 kuNcwaba (August), uMnu Ntshangase uqoqe umndeni wakubo ethi ucela ukukhuluma nawo.

"Sihlangane naye nabakhongi bakhe sicabanga ukuthi mhlawumbe kukhona osekonakele emzini kodwa sithe uma sizwa inkulumo yokuthi ucela ukuba simnike ithuba lokulobola udadewethu okwesibili, sethuka. Simbuzile ukuthi yake yenzekaphi insumansumane enjena, wasitshela ukuthi injabulo nentokomalo ayithole emuva kokuganwa ngudadewethu kayinasilinganiso, kumele simvumele aphinde alobole," kusho uMnu Khumalo.

Uthi kwale noma sebembuza uMnu Ntshangase nabakhongi bakhe ukuba bafuna babize ilobolo lezinkomo kuphela, wathi ufisa benze sengathi akakaze alotsholwe, kuqalwe phansi yonke into eyenziwa uma kulotsholwa.

"Usinike usuku lomhla zingama-24 kuMandulo (September) athe uzobe eselethe zonke izidingo nezimfuno zethu. Sisamangele namanje, sesiyobona sekwenzeka," kusho yena kuqhilika izihlathi.

Ebuzwa uMnu Ntshangase ngesinqumo sakhe, uthe :"Mina bengicabanga ukuthi ngishade owesifazane oyedwa kodwa kuthe uma esesemagcekeni aseMgazini uMaKhumalo, ngabona ukuthi mubili eyedwa, kuzomele ngilobole nalona omunye onguyena ngendlela anesisindo ngayo nomehluko afike wawenza lapha ekhaya. Yindlela engibonga ngayo."

UMaKhumalo yena uthe: "Ngethuke kwaphela nasozwaneni sengibikelwa ngabasekhaya ukuthi usehambe isinyenyela wayothi ungilobola okwesibili. Kangazi nami ukuthi yini lena engaka engimenzele yona ngoba nami ngifana nabo bonke abanye abantu besifazane.

"Yena ubelokhu esho sakungisongela, ngicabange ukuthi uyancokola uma ethi uzongilobola okwesibili. Bengiye ngicabange ukuthi uchaza ukuthi ufuna ukuthatha udadewethu noma umfazi wesibili, kodwa uma sekwenzeka ngiyamangala."

AbakwaKhumalo bathi noma angalobola enze konke uMnu Ntshangase, kepha ngeke bavume ukuba aphinde ashadelwe noma kukhishwe umakoti ekhaya, kungamane kube wumcimbi abantu bafinye ngendololwane noma bavuselele umshado wabo ngokwesilungu hhayi ngokwesintu ngoba sona kasikuvumi ukuba umuntu akhishwe kabili ekhaya "singaxabana nabadala". 

Isazi samaSiko eNdlunkulu kaZulu, uMnu Buzetsheni Mdletshe, sithi okwenziwe nguMnu Ntshangase kakuphambene nesiko.

"Le nsizwa ikhombisa ukuthi iyasutha futhi uMaKhumalo wayo uyiphakela idle isuthe kayikhali ngalutho. Kuba njalo uma umlobokazi eyiphethe kahle indoda yakhe futhi eziphethe kahle naye.

"Indoda imlobola ize iyoshona ikhombisa intokozo engenamkhawulo. Ukube ngabasekhweni lakhe abamfuna ilobolo lesibili, ngabe kuphambene nesiko lokho. Okumele bakuqaphele wukuthi uma eseqede ukulobola okwesibili, bazenzele idili kodwa angakhishwa okwesibili ekhaya umakoti," kusho uMnu Mdletshe othi sengathi intsha yanamuhla ingathatha isibonelo kuMaKhumalo, izithobe ilawuleke ibahloniphe abayeni bayo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...