Webelwe imfuyo umculi wokholo

2017-11-05 10:59

Durban - Sikhala ngamasela asintshontshela imfuyo yaso isihlabani somculo wokholo, uButho Vuthela,

UButho, Obesajabulela ukuqokwa emncintiswaneni wamaCrown Gospel Awards alonyaka, injabulo yakhe ibuyele nganeno ngoMsombuluko evuka kwebiwe iziklabhu zakhe ezingu-15 nezinkomo ezingu-10.

Lesi sigameko kubikwa ukuthi senzeke endaweni yase-Upper Ngxaxha, eMount Flecher, e-Eastern Cape, lapho lo mculi edabuka khona.

Exoxa ngosizi lokwebelwa imfuyo uButho uzwakalise okukhulu ukudumala ngalesi sigameko njengoba eveze ukuthi sekungokwesibili kulo nyaka ehlangabezana nalesi simo.

OLUNYE UDABA:OweSibaya kwelokweba imfuyo

"Ngo-Agasti bangintshontshela iziklabhu ezingu-15 okuyisiolnda namanje esingakapholi kimina.

"Kunzima ukuthi singapholisa lesi bese ngiphinde ngilimala futhi," kusho lo mculi ezwakala ukuthi udumele.

Uthi okumphatha kabi kakhulu wukuthi lokhu kwenzeka sekusondele amaholidi zaDisemba okuyisikhathi avame ukudayisa ngaso imfuyo.

"Njalo uma sesusondele uDisemba ngivamise ukuthengisa ngengxenye yemfuyo yami ukuze ngikwazi ukondla umndeni ngithenge nezinto zikaKhisimusi.

"Kubuhlungu ukuntshontshelwa into ekuphilisayo," kuqhuba lo mculi oqokwe emkhakheni weBest Gospel Artist.

Thola udaba oluphelele kwiphephandaba iLanga LangeSonto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 19-30°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...