Uzogcwagcelwa maduze oweMpucuzeko

2017-03-11 13:26

Durban – Zizowushaya maduze kumhleli wemicimbi emikhulu kamasikandi, uXolani Mcineka, wodumo lweMpucuzeko kamasikandi Festival, njengoba kade eyokhehla ingoduso yakhe oNdini.

UMcineka waseZibandleni, eMthandeni, KwaMaphumulo, enyakatho yeKwaZulu-Natal uthi ugqugquzela abasendimeni yezokungcebeleka ukuba baganwe ukuze bezoqoqeka ngoba izifo zocansi zitholakala ngakho ukungaziphathi kahle, ikakhulukazi kuyo le ndima kwazise uma ungaganiwe usuke engekho owesifazane ozokuqoqa ukuze ulawuleke.

Ukusho lokhu ephawula ngokuhambisa izibizo ekhweni lakhe eNhlungwane, oNdini.

OLUNYE UDABA: Ziyawushaya kumculi weqembu likamaskandi

“Sengikwenze konke okudingekayo ekhweni lami kanti ezinyangeni ezinhlanu kusuka manje zizobe ziwushaya, futhi ngizogcagcelwa ngokwesintu.

“Okungikhuthaze kakhulu ukuthi ngithathe lesi sinqumo, wukuthi kubalulekile ukuqoqeka uma uyinsizwa bese uvusa umuzi kayihlo,” kusho uMcineka.

Ubekhehla uSwelihle Masango okuyintokazi athi unesikhashana esincane eyiqokile ukuba abambisane nayo kwezothando, kubika ILANGA.

Uthi okunye okumkhuthazile ukubona umsunguli waMantshontsho kamasikandi Awards, uMlamuli Nxele, eshadelwa ekubeni eseyinsizwa esencane.

Uveze ukuthi ingoduso yakhe uyicele esontweni ebandleni lamaNazaretha walandela yonke imigudu yakhona.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...