UZodwa uthi akanandaba nabamenza inhlekisa

2017-07-06 12:31

Durban - Akudikizi nqulu kuZodwa Wabantu ngesithombe esisabalale ezinkundleni zokuxhumana esiveza ithanga lakhe ene-cellulite.

Lesi sithombe sisabalale ezinkundleni zokuxhumana ngemuva komcimbi womjaho wamahhashi, iVodacom Durban July, obuseGreyville Racecourse, eThekwini ngempelasonto.

Ekhuluma neLANGA LeTheku uZodwa uthi ubekulindele ukuthi abantu bazokhuluma kakhulu baphinde benze inhlekisa ngaye nangendlela abegqoke ngayo.

Uthi uyabona ukuthi useqale ukuba ne-cellulite emathangeni kodwa akusiyona into azihlupha ngayo leyo ngoba angangena ejimini noma yinini.

Utshele iLANGA LeTheku ukuthi into ayenzile uyenzele abantu besifazane bona laba abafuna ukumshintsha into ayiyona.

OLUNYE UDABA: UZodwa Wabantu uthi akasabazi ubuthongo

Ngokusho kwakhe abantu akumele bamgxeke ngamathanga akhe ngoba nabo banotaku lwabo ababhekene nalo.

"Anginandaba ukuthi abantu bathini ngami kodwa engikwaziyo wukuthi ngeke bayishintshe indlela engiyiyona. Akekho umuntu ongenaso isici sakhe.

"Abantu besifazane abenza inhlekisa ngami bona basaba ngisho nokukhumula kukhanya ugesi egunjini lokulala. Ingani bayesaba ukuveza imikhaba yabo enama-stretch mark. Abantu bangasho abakuthandayo ngami kodwa kumele bazi ukuthi abakushoyo akungidikibalisi kunalokho kuyangikhuphula.

"Ngikhuluma nje, manje ngiyaqashwa ezindaweni. Ngiphila impilo yami ngakho-ke abantu abaphume kimina," esho.

Utshele ILANGA ukuthi abanye bamfanisa neNkosi uMangosuthu Buthelezi: "Kuyangijabulisa ukuba bangifanise nomuntu omkhulu kangaka nengimthandayo. Lokhu abakushoyo kungenza ngibone ukuthi ngisezingeni labantu abaphezulu."

Le ntokazi iqale ukuba sematheni ngemidanso yayo ehehayo ikakhulukazi kubantu besilisa abachazwa yindlela esuke inyakazisa ngayo umzimba ezindaweni zobumnandi njengoba lokhu ikuqale eYadini Lounge, eMlazi. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...