Uzithwele umfundi 'owadlwengulwa' wusicabha eMlazi

2016-11-21 12:35

Durban - Kuduma ikhanda kowesifazane wakwa-H eMlazi, eningizimu yeTheku indodakazi yakhe ebhale izivivinyo kunzima njengoba izithwele emuva kokudlwengulwa ngusicabha wetekisi ehambela kwa-F and G khona eMlazi.

Lo mfundi waKwaShaka High School kwa-E eMlazi, oneminyaka eli-16 ubudala - esingeke simdalule ukuvikela isithunzi sakhe - udlwengulwe ebuya esikoleni ngoNhlangulana (June).

Unina wale ntombazanyana - naye esingeke simdalule - uthole kule nyanga ukuthi izithwele, kubika ILANGA.

Uthi indodakazi yakhe ibiphuma esikoleni ngesikhathi kuma itekisi eduze kwayo isesitobhini, uscabha nomshayeli bayifaka phakathi bakhala nayo amaphepha.

Imtshele ukuthi bekukhona umshayeli noscabha kuphela emotweni.

Imoto idle amagalani bayikhomba ehlathini elingasenxanxatheleni yezitolo iMega City yodumo eseTuhius, eMlazi, uscabha wafike wayidlwengula umshayeli ebukela futhi eqaphile ukuthi kakuqhamuki yini abantu.

Baqede lapho ingane bayishiya kanjalo, ngokusho kukanina.

"Ngithole ukuthi le nto yenzeke ngoNhlangulana, ingane ibisaba ukungixoxela ngoba ibona ukuthi ngizophatheka kabi njengoba nami ngike ngadlwengulwa ngabafana abayisihlanu. Yize ibinakho ukuhlala izivalele emini, ilale ingakhulumi namuntu endlini kodwa benginganakile. Ngize ngaqala ukusola ukuthi kukhona okungahambi kahle ngeledlule ngibona indlela ekhuluphele ngakhona," kusho unina wengane.

OLUNYE UDABA:Ubelethe waqeda wayobhala iphepha

Uthi ube eseyihambisa kudokotela nebala wakuqinisekisa ukuthi indodakazi yakhe izithwele inezinyanga eziyisihlanu. Ize yayikhuluma ngaleso sikhathi indaba yokudlwengulwa, kusho unina wengane.

Uthi ngemuva kokuba imnike imininingwane yekhumbi ebihamba abasolwa, unikele erenki eyoyifuna, wathola ukuthi kabasasebenzi bobabili umshayeli noscabha wakhe futhi kabaziwa ukuthi bahlalaphi. 

"Sinzima isimo esibhekene nendodakazi yami ngengane eyithwele, ezohlale iyisikhumbuzo sokuthi yadlwengulwa kwazaleka yona. Ngiyitshele ukuthi ingasikhiphi isisu ngizoyondla ingane ngoba wumphefumulo ongenacala," kuchaza unina wengane.

Uthi akufunayo nje manje wukuthi kujeze uscabha nomshayeli ngento abayenze kwindodakazi yakhe. Indodakazi yakhe uthi iyahluleka wukwamukela isimo ebhekene naso - ihlale izivalele ekameleni ikhala.

Uthi uzoyeseka indodakazi yakhe kuze kube sekugcineni ngoba uyabazi ubuhlungu ebhekene nabo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe likhona icala elivuliwe lokudlwengula bekungakaboshwa muntu.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 8-20°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C Sunny. Mild. PE: 16-25°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...