Uzishaye ngendlebe etsheni umqeqeshi wePirates

2017-08-25 16:00

Durban - Uzishaye ngendlebe etsheni umqeqeshi we-Orlando Pirates ngesifo esidala sale kilabhu abezitshela ukuthi useselaphe ngokugcwele.

UMilton "Micho" Sredojevic ocija iPirates, uzwakalise indumalo ngamaphutha awachaze njengawobungane atshengiswe yizitobha zakhe le kilabhi ibambana neBaroka FC ngo-1-1 kowe-Absa Premiership ngoLwesibili ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, kubika ILANGA.

Kulo mdlalo iBucs emuva iqale ngo-Innocent Maela, uThabo Matlaba, uNtsikelelo Nyauza noGladwin Shitolo. USredojevic uthi akeneme neze ngezitobha zakhe.

OLUNYE UDABA: I-United iqinisekise ukusayina kobedlalela i-Orlando Pirates

"Ocwaningweni engilwenzile ngifika eNingizimu Afrika ngithole ukuthi le kilabhu inesifo sokuvuzisa amagoli ngendlela engaqondakali, yenza namaphutha awubungane.

"Yinto yokuqala engafike ngazama ukuyilungisa, bese ngizitshela ukuthi sengiyelaphile sengizodlulela kokunye kanti ngiyazikhohlisa.

"Kulo mdlalo sibe namaphutha emuva engingawathandanga kangangoba negoli elishaywe yizimbangi kube wubudedengu bethu emuva, kasizange simake ngendlela.

"Kodwa-ke ngeke ngiphele amandla ngizoyilwa le mpi. Lesi sifo ngizoselapha noma kanjani ngiyazazi ngingungqondongqondo uma kuziwa ngasekuqiniseni udonga," esho.

UKgoloko Thobejane ocija iBaroka, uthi iBucs isindiswe wubuthuntu babadlali bakhe. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...