Uzilengise ngedilozi umqwayizi

2017-03-19 11:02

Durban - Owesifazane okubikwa ukuthi ubeyiyengandoda kuthiwa utholwe ezilengise ngedilozi ezitokisini zasesiteshini samaphoyisa eThekwini ngeSonto eledlule.

Le ndaba ikhulunyelwa phansi esiteshini samaphoyisa eBellair eningizimu yeTheku. Kubikwa ukuthi le ntokazi ebineminyaka engu-24 ubudala iboshwe ngamaphoyisa iphethe isidakamizwa esibizwa ngeheroin.

Umthombo weLANGA LangeSonto uthi le ntokazi ibiyaziwa endaweini ukuthi iziphilisa ngokudayisa usinyaka, inyam'ethandwa ngamadoda.

Umthombo uqhubeka uthi ibibukeka ingumqemane kungekho okusolisayo kepha kuwamangalisile amaphoyisa uma esethi ayoyibheka ezitokisini azithela ilenga.

OLUNYE UDABA: Udlulise ukuxolisa kubalandeli be-NFP u-VZ

Akukaqondakali ukuthi ibingakanani ngesidumbu nokuthi leli dilozi ezilengise ngalo bekungelayo yini nokuthi beliqine kangakanani. 

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu Natal uKaputeni Nqobile Gwala uthe kuvulwe idokodo lophenyo ngesigameko sowesifazane oneminyaka engama-24 otholwe elenga ezitokisini zaseBellair ngeSonto ntambama.

"Ubeboshelwe icala lokutholakala nesidakamizwa esibizwa ngeheroin, esazovela enkantolo. Akusolwa muntu ngokufa kwakhe," kuvala uKaputeni Gwala. 

Ngesikhathi sokuloba bekungakazeki kuthi izihlobo zikamufi zifikile yini ukuyolanda isidumbu nokuthi uzofihlwa nini.  

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-16°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...