Uzikhalela ngokulanjiswa umculi kamasikandi

2017-11-21 09:32

Durban – Ukhala ngensavunsavu yemali athi isimphuthile kulo nyaka umculi kamasikandi othi ucindezelwa ngokuba kusatshalaliswe izindaba zokuthi unodlame, makavalelwe emicimbini ehlanganisa abaculi bakamasikandi.

UBukelani “Dlubheke” Khuzwayo waKwaNgqulu, eNquthu, maphakathi neKwaZulu-Natal, utshele ILANGA ukuthi iningi kakhulu imali esimphuthile kulo nyaka engamenywa emicimbini ngoba kuthiwa uzosusa umsindo ngezingoma zakhe ezinothuthuva.

Uthi uvalelwa nje yingoba kubonakala ukuthi ingoma yakhe ishaya khona, kuzosuke kuvele amahlazo, kubonakale ukuthi laba abathwelwe ngeqoma bashaya ingoma engatheni – uyabehlula ngokuthakaselwa ngabantu uma sekuhlangenwe.

“Sonke sisebenzela imindeni yethu kodwa kunabaculi abahlala ngamagama abanye, le nto izogcina isiphuma emculweni, ingasalawuleki sekusebenza ubunsizwa ngendlela engafanele.

OLUNYE UDABA: Luvutha amalangabi uthando kokamasikandi

“Mina bayangithanda abantu kodwa ngivinjiwe yonke imicimbi kulanjiswa abalandeli bomculo ukuze bangangiboni nhlobo,” kusho uDlubheke.

Kwenzeka lokhu nje uDlubheke ubekhiphe i-albhamu ngePhasika ethi Kwazondimbuka okudume kakhulu kuyo ingoma ethi Impi Yamatekisi ethandwa kakhulu.

Okunikeze lo mculi izingqinamba ukuthi kule albhamu kunengoma ashiye kuyona angalazi kuKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose.

UMnu Mvumeleni “Rank" Zwane oyinduna yabalandeli bakaKhuzani, uthi kabazange bathi makangaqashwa uDlubheke kodwa banqume ukuhlaba umkhosi wokuthi abalandeli beNdlamlenze bangalubeki emicimbini okuqashwe kuyona uDlubheke.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...