Uyembesa maduze umrepha wodumo

2017-02-24 11:13

Durban - Seziqinisekisiwe izindaba zokuthi isihlabani se-hip hop, uKwetsa, sisemalungiselelweni okuyokwembesa ingoduso yakhe, uYolanda Mvelase, ozalwa ngusomabhizinisi oyisikhulu samaNational Choral Music Achievement Awaward (Nacma), uVusi Mvelase.

UNhlawulo Baloyi, oyiRecord Executive aphinde abe yiBusiness Partner kwiRap Lyf Records ( Isitibele okuqopha kuso uKwetsa) nguye oqinisekise lezi zindaba ephephandabeni ILANGA leTheku, wathi umcimbi ungomhlaka 8 Ephreli.

OLUNYE UDABA: Kuvalwe amahhovisi akwaMTN eNigeria

“Ngingakusho ngingananazi ukuthi ngimenyiwe emembesweni kaYolanda Mvelase ozobe useThekwini.

Lo mcimbi uzobe uhlanganise imindeni yombili, owakwaMvelase nowakwaVilakazi, nabangani abasondelene nalezi zithandani,” kusho yena.

UKwetsa noYolanda kuthiwa sebeqede iminyaka ewu-8 bethandana kanti banengane eneminyaka emine ubudala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...