Uyazisola umsakazi ophucwe umbhobho

2017-04-10 12:30

Durban - Uzigxobe ngetshe kwandawo umsakazi wesiteshi somphakathi esidume ngomculo wokholo eThekwini eshutha nombhalo woKhozi FM ebhala namazwi ahambisana nokuthi ikusasa lakhe lilele khona.  

UFundi Xaba (Tedy Bear) owenza uhlelo lwasekuseni kwiMbokodo FM ezinze ePinetown, entshonalanga yeTheku usephenduke umahlalela emuva kokumiswa emsebenzini ngoMsombuluko ngenxa yalo mbhalo. Nakuba ethi uyazisola ngalokhu kodwa abaphathi basamhlalise ekhaya kanti necala lakhe alikaqulwa. 

Ekhuluma neLANGA LangeSonto uzwakalise ukuzisola okukhulu kakhulu ngokwenzekile, wathi akaqaphelanga ukuthi kungaze kufike kuleli zinga. Uthi ubegajwe yinjabulo kuMantshontsho Awards abeseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) ngoMgqibelo odlule. 

OLUNYE UDABA: Kumiswe umsakazi woKhozi okhulume 'elokudliwa' emoyeni

"Bengingaqondile ngempela ukuphambana ne-brand engiyisebenzelayo njengamanje (Imbokodo FM) ngoba ngiyayithanda, bengizishuthela nje ngase ngibhala ngoba sonke sinezifiso zokukhula, sisebenzele iziteshi ezinkulu," kusho uMaXaba. 

Abaningi bazomkhumbula esasebenza kwiVuma FM phakathi kowezi-2012 nowezi-2015, enza izinhlelo ezahlukahlukene.

Ngale kokumiswa kwakhe, kunabanye abasakazi abamisiwe kulo msakazo okunguMfundisi Simo Nene okuthiwa umiselwe ukuthuka inhlamba nokuhlambalaza emoyeni, nguTshepo Hlengwa obuye aziwe ngoDr TT owenza uhlelo olubalulekile lwantambama, noMama uBhubesi ongena kusihlwa phakathi kwehora lesi-7 nele-10.

Phakathi kokuthiwa bamiselwe khona laba wukungafiki emicimbini yomsakazo, wukungalethi umsebenzi wabo osuhleliwe wabhalwa phansi ngabazokwenza ohlelweni, wukungalandeli imiyalelo yabaphathi nokunye. 

UMnu Sandile Ngema ongumphathi walo msakazo uvumile ukuthi kunabasakazi ababamisile esiteshini kodwa wenqaba ukudalula izizathu ezigcwele. 

"Umgomo wethu uthi kasikwazi ukukhuluma ngezindaba zethu kweminye imithombo yezindaba. Bakhona abasakazi abamisiwe, izindaba zabo sisazicubungula. Engingakutshela khona wukuthi sesinomsakazi omusha uSanesh Bhengu osemoyeni njengoba ngikhuluma nawe [esho ngoMgqibelo emini]," kusho uNgema. 

USanesh uyaziwa njengoba eke wasebenzela amaphephandaba ahlukene, wasebenza futhi nezinkampani ezihlela imicimbi kamasikandi njengeMpucuzeko waphinde wazimela emabhizinisini.

Kuyimanje umatasa ushutha uhlelo nabanye besifazane abaphumelele abathi luzokhonjiswa kumabonakude maduze.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...