Uyazisola obophise uyise 'ngamanga'

2017-10-20 12:30

Durban - Ugeqe amagula, wahlanza amaqiniso owesifazane waseSikhaleni, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal obophise uyise - okumanje udonsa udilikajele ejele laeQalakabusha, eMpangeni - ehlangene nodadewabo omncane bemqambela amanga ngokuthi ubadlwengulile.

Ukhuluma aze ahlengezele izinyembezi uNkz Sphiwe Ndu Sithole, 20, uma echaza ukuthi kungani beqambele uyise amanga bathi ubadlwengulile.

ILANGA libenengxoxo ekhethekile noNkz Sithole osebuyele kubo wayocela uxolo ngemuva kokubaleka isikhathi eside wayohlala ekhaya lezintandane.

ILANGA libike kaningana ngokuboshwa kukaMnu Mandlenkosi Sithole, 55, - okhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngowezi-2012 - ogwetshwe ngoMbasa (Mashi) odonsa isigwebo sokudilikelwa yijele eQalakabusha, eMpangeni.

UNkz Sithole utshele leli phephandaba ukuthi bavumele ukusetshenziswa ngamalunga omphakathi abengamfuni uyise emphakathini ngoba edinwa wukuthi ulwa nobugebengu endaweni.

Uthi uyise ubeyindoda eqotho emphakathini eyilunga leCommunity Policing Forum (CPF) - ngaphambi kokuba aboshwe. Uthi indaba iqale ngokuthi omakhelwane babatshele ukuthi uMnu Sithole nenkosikazi yakhe kakubona abazali babo.

"Abantu bebehlale besifunza ukuthi kasizalwa kwaSithole, umama osizalayo wasilahla sisebancane kwaSithole.Le nto ibisihlukumeza emqondweni nodadewethu omncane, sinemibuzo eminingi, sifuna ukwazi ukuthi baphi abazali bethu bangampela. Sigcine ngokuthi siphazamiseke emqondweni, sahlukumezeka kakhulu nasesikoleni, saqala saba wuhlupho singalawuleki umama nobaba uma besikhuza singabalaleli.

"Kuze kwagcina ngokuthi abantu abebengamfuni ubaba basifunze ukuthi simqambele amanga sithi uyasihlukumeza ngokusidlwengula ngoba engasizali, basithembisa ukuthi bazositholela ikhaya elingcono ekhaya lezintandane lapho esizohlala kahle khona," kusho uNkz Sithole.

OLUNYE UDABA: Uthi ufuna ukunxeshezelwa ngo-R80m owagwetshelwa icala angalenzanga

Uthi bagcine belakhile icebo lokuqamba amanga. Utshele ILANGA ukuthi udadewabo untshontshe imali yasesitolo sikayise (uMnu Sithole) kwaba wukubaleka kwakhe kubo ngoba esaba ukuthi uyise uzomshaya. Ube eseqamba amanga wathi uyise umdlwengulile, wahamba wayobikela usonhlalakahle.

Uthi udadewabo - okumanje uhlala ekhaya lezintandane - selokhu bakhe leli tulo, kabasaxhumani, usezame izikhathi eziningi ukuthi babobane kodwa lutho. Uthi usonhlalakahle obephethe udaba lwakhe, umphoqile ukuba asenge ezimithiyo athi udlwengulwe nguMnu Sithole. Uthi lo sonhlalakahle umtshele ukuthi umphoqa ukuhubhuza ilumbo nje, uyalelwe ngamaphoyisa abephethe icala labo ngoba efuna uyise abhadle ejele.

"Iphoyisa ebeliphethe icala lokudlwengulwa kwethu, belihlangene namalunga omphakathi abengamfuni ubaba. Kube sekwakhiwa uzungu lokumubophisa ngoba eyinkinga emphakathini.

"Sikwenze lokhu nje bese siqalile ukuba wuhlupho ekhaya, sihamba nabafana sibuye ebusuku. Mina ngize ngadlwengulwa ngumuntu emgwaqweni ngakho ukuthi besizula sibuya ebusuku ekhaya. Ngilivulile icala lokudlwengulwa, udaba lwami lwafika nakosonhlalakahle.

"Ngiyazisola ngokubophisa ubaba owasicosha silahlwe ngumama osizalayo wasikhulisa. Kangilali ebusuku ngicabanga ngento esiyenzile. Ngiyafisa osonhlalakahle bangihlanganise nengane yakithi ngoba ngiyazi lapho ikhona iyafisa ukukhuluma iqiniso ngento esiyenzile,” kusho uNkz Sithole.

Njengamanje uNkz Sithole usenezingane ezimbili azithole ngemuva kokubaleka kwaSithole. Ubuyela kwaSithole nje, ubekipite noyise wezingane zakhe. UMnu Sithole usidlulisele eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu isigwebo sakhe.

Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnu Vukani Mbhele, uthi kuyamangalisa ukuthi usonhlalakahle angenza into efana nale. Uthi bazolinda umthetho wenze umsebenzi wawo njengoba udaba lusenkantolo.

UMnu Derrick Mdluli, onguSihlalo weJustice for Prisoners and Detainees Trust, okuyinhlangano elwelwa amalungelo eziboshwa, uthembise ukuthi uzoxhumana nomndeni wakwaSithole ukuze angenelele kulolu daba bazame ukusiza uMnu Sithole.

Imizamo yokuthola uMnu Mthunzi Mhaga okhulumela uMnyango wezobuLungiswa iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, ushiyelwe umyalezo, ngeshwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba engabuyelanga kuleli phephandaba.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...