Uyaveva 'oqolwe' ngumshumayeli wakwaShembe

2017-02-13 16:01

Durban - Ubodla umlilo owesifazane wasePinetown, entshonalanga yeTheku okhala ngokuqolwa "ngumshumayeli" webandla lamaNazaretha - elaziwa ngokuthi yikwaShembe - u-R5 000, okumanje akasatholakali.

UNkz Ntombifuthi Vezi uthi lo mshumayeli uthathe le mali yakhe ngoZibandlela (December) wonyaka ophelile wamthembisa ukuthi uzomsiza akwazi ukuthenga imoto yize igama lakhe lingcolile, obekwenza ukuba aphikwe ngamabhange.

Uxoxele omunye umngani wakhe ngale nkinga - naye okhonza ebandleni lamaNazaretha - wamtshela ukuthi uzomxhumanisa nalo mshumayeli, ILANGA elinalo igama lakhe, ngoba baningi abantu abanenkinga efana neyakhe asebasizile ngokuthenga izimoto.

Uthi umfonelile lo mshumayeli baxoxa ocingweni wamthembisa ukuthi uzoyilungisa inkinga yakhe iyinto encane, yena uhlale esiza abantu abanezinkinga ezingaphezu kweyakhe.

"Ngibe nethemba uma ekhuluma ngale ndlela futhi ngikhululekile ngoba ngazi ukuthi ungumuntu usontayo. Ungitshele ukuthi inkinga yami uzoyilungisa, mangikhokhe u-R5 000. Ngiqale ngakhokha u-R2 000 ngawuthumela ebhange lomngani wakhe. Kudlule izinsuku ezimbili ngabe sengimfakela u-R3 000 ebhange lakhe. Indaba isuke sengibona kuhamba isikhathi esethule inkinga yami engayilungisi. Bengimfonela adlale ngami, angibambise udonga, angitshele ukuthi masihlangane edolobheni ngime kuze kuvuvukale izinyawo engafiki," kusho uNkz Vezi.

Uthi imali yokuqala uyifake phakathi noZibandlela. Maphakathi noMasingana (January), uthi lo mshumayeli ukhale ngokuthi usaxinekile ngoba ulungiselela ukuya entabeni (okuwumkhosi leli bandla eliya kuwona njalo ngoMasingana) ucela amlinde baze behle entabeni.

"Ngenze njengoba ecelile ngamnika isikhathi ngizitshela ukuthi uma esebuya entabeni uzobe eselungisa inkinga yami kanti udlala ngami," kusho yena.

Uthi esebuyile entabeni ubengasazibambi izingcingo zakhe, uma kwenzekile wamfonela ngenye inombolo angayazi ubelubamba.

OLUNYE UDABA: UTrump ucele ukukhuluma noZuma

Uma esezwa ukuthi nguyena azenze umuntu omatasatasa athembise ukuthi uzobuyela kuyena ngokushesha. Uthi iphutha elikhulu alenzile wukunika lo mshumayeli imali engamazi nokuthi uhlala kuphi.

"Bengize ngibe nethemba uma ngimfonela angitshele ukuthi usakhuluma nezikhulu (esiwagodlile amagama azo) azigagule ngamagama azo angitshele ukuthi nazo kunezinto azisiza ngazo," kusho uNkz Vezi.

Uthi akasafuni lutho oluningi kulo mshumayeli, usefuna amubuyisele imali yakhe nje kwaphela ngoba usekhombisile ukuthi akathembekile.

"Okunye okungicasule kakhulu, ngibone efake isithombe semoto entsha azithengele yona ezinkundleni zokuxhumana ekubeni ebaleka nemali yami. Sengize ngisole ukuthi ukwenza lokhu ngoba ngingumuntu wesifazane," kubalisa uNkz Vezi.

Imizamo yeLANGA yokuthola lo mshumayeli kayiphumelelanga ucingo lwakhe luphendulwe ngomunye umuntu wesilisa oveze ukuthi ucingo ulushiye emotweni yena usemngcwabeni oseHluhluwe, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal.

Ucela ukuba abuye ashayelwe.

Esephinda eshayelwa, ucingo bese lukhala lodwa lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...