'Uyashiya' u-Andile kwiKhumbul'ekhaya

2018-03-18 12:01

Durban - Kugqabuke ucu lweminyaka engaphezu kweyishumi ku-Andile Gaelasiwe nohlelo lodumo iKhumbul'ekhaya, olusakazwa ku-SABC 1 ngoLwesithathu kusihlwa.

ILANGA LangeSonto lihabule ukuthi u-Andile uyawushiya umsebenzi wokwethula lolu hlelo. Kubikwa ukuthi ngeke esabonakala kusukela kwisizini yalo entsha, okungakacaci ukuthi izoqala nini ukuqoshwa.

Imithombo ethembekile ipotshozele leli phephandaba ukuthi ubudlelwane buka-Andile nenkampani i-Urban Brew ekhiqiza lolu hlelo, boniwe yizingxoxo  zamaholo ngesikhathi sekumele kuqoshwe isizini entsha.

OLUNYE UDABA:OweKhumbul'ekhaya ubuyelane noweMuvhango

Ngokusho komthombo, u-Andile ufune ukukhushulelwa umholo ngo-R10 000 ngohlelo ngalunye. Kuthiwa njengamanje uhola uR15 000 ngohlelo, okungukuthi usefuna uR25 000 ngohlelo lulunye.

Kuthiwa abaphathi bakhe bashaye phansi ngonyawo bathi ngeke bakwazi ukumnikeza le mali. Lo mthombo uthi kuyimanje i-Urban Brew imatasa ifuna umethuli omusha walolu hlelo.

Kubikwa ukuthi umqashi ukhale ngokuthi iningi kakhulu imali ayifunayo ekubeni umsebenzi wakhe umncane kwazise akazifuneli yena abantu abazovela ohlelweni kodwa bayazibhalela, abanye bayafona - okwakhe kube wukulwethula kumabonakude.

Thola udaba oluphelele kwiphephandaba iLANGA LangeSonto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...