Uyalotsholwa uMinnie Dlamini - Umbiko

2017-02-05 15:14

Durban - Ngemuva kokwethembisana umshado ngoZibandlela (December) wangonyaka odlule, uMinnie Dlamini nesoka lakhe eliyi-tv producer, nomthwebuli, uQuinton Jones, kubikwa ukuthi sebethathe elinye futhi igxathu ebudlelwaneni babo, kubika iphephandaba ILANGA.

Ngokuthola kwaleli phephandaba ngemithombo yalo engashayi eceleni nesondelene nomndeni wakwaDlamini, emasontweni amabili edlule kutheleke abakhongi kubo kwaMinnie, eThekwini, beyocela isihlobo esihle. Nokho leli phephandaba alikwazanga ukuthola imininingwane engcwele ngokwenzekile ngosuku lomcimbi.

Leli phephandaba lishayele lowo okubikwa ukuthi ungumkhongi. Uvele wavuka injebomvu, wabuza intatheli ukuthi iyithathephi inombolo yakhe. Uyibuze ukuthi ize imshayele ucingo nje yena uhlanganaphi nezindaba zakwaDlamini, wavala ucingo.

Unina kaMinnie, uNkk Queen Dlamini, ebuzwa naye ngezindaba zelobolo likaMinnie, uvele wathi: "Hhayi thina asiyazi yonke le nto okhuluma ngayo". Uqede ukusho njalo wavalelisa, wavala ucingo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoZibandlela (December) ngonyaka owedlule ubesematheni uMinnie ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi usezitholele umaqondana, ngemuva kokufihla isikhathi eside ukuthi uthandana nobani.

Phambilini uMinnie ubethandana no-Itumeleng Khune ongunozinti weKaizer Chiefs.

OLUNYE UDABA: Kubikwa ukuthi ubalekela isondlo oweSkeem Saam

UMinnie noKhune bebengabanye bosaziwayo abebengasabi nhlobo ukuqhakambisa ubudlelwano babo emphakathini. Bekwaziwa ukuthi kwenzakani phakathi kwabo.

Ngemuva kokwehlukana noMinnie, kuvele ukuthi uKhune usethandana noSbahle Mpisane, okungehlanga kahle kwabaningi.

Phela kuzokhumbuleka ukuthi uMinnie ubesondelene kakhulu nomndeni wakwaMpisane, futhi naye ubengafihli ukuthi unina kaSbahle, ongusomabhizinisi oyisiqumama, uShauwn Mpisane, umthatha njengosisi wakhe omdala. Ngisho emicimbini yakhona kwaMpisane, uMinnie benoKhune bebejwayele ukuba khona. Kuxakile-ke ukuthi uKhune ahlukane noMinnie abe esethandana noSbahle.

Ngemuva kwaleso sigameko uMinnie kuke kwathuleka, kungaveli ukuthi uMinnie uthandana nobani. Kwale noma kukhona amahlebezi abeqhamukayo kodwa kungabo nasiqiniseko, kwaze kwaba baphumela obala noQuinton, sebeveza ukuthi sebethembisene umshado.

ILANGA LangeSonto lizame kaNingi ukuxhumana noMinnie kumakhalekhukhwini wakhe, kodwa ubulokhu ukhala ungabanjwa.
Alikwazanga futhi nokuxhumana noQuinton.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...