Uyafa yisibhaxu sendodakazi yakhe owesimame waseNanda

2017-03-09 14:01

Nanda - Uhleli lubhojozi owesifazane ,59, waseNanda, enyakatho yeTheku othi uyafa yisibhaxu sendodakazi yakhe eneminyaka engama-36 ubudala njengoba seyike yamshisa nangamanzi abilayo.

Lona wesifazane ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa ngenxa yokwesaba ukuthi angase abe yihlaya emphakathini uthi indodakazi yakhe engeyesithathu ezinganeni zakhe, isike yazama izikhawu ezintathu ukumbulala kodwa yehluleka, okugcine ngokuthi ishise umuzi wakhe, yambunyela nangamanzi abilayo.

Ngesikhathi ILANGA limvakashele emzini wakhe, ubebonakala ukuthi uhlukumezekile kanti uthi ukuhlumezeka kwakhe kuqale ngowezi-2008 ingane yakhe imshova ngenqindi imshayela into engekho.

Utshele leli phephandaba ukuthi noma engazi kwesinye isikhathi ukuthi usuke eshaywelani kodwa ayifuni ukukhuzwa.

OLUNYE UDABA:Isimanga indodakazi icela ukulala noyise

“Uke aqhume phezulu acule sisabuka izindaba kumabonakude noma kukhona umculo esiwubukayo, nalo oculayo singabe sisamuzwa. Uma uthi uyamkhuza usuke sewuzithintele.

“Le ndodakazi yami inabantwana abathathu, uma ngithi ngiyayisola njengengane yami ukuthi isiphinde yakhulelwa futhi, ivele ithi bengifuna isikhiphe yini isisu, ingigibele ngequpha,” kusho lo mama.

Lo mama uthi usebenza ukugada umuzi womlungu wakhe kanti ngelinye ilanga wathola ucingo oluvela ekhaya esemsebenzini kuthiwa umuzi wakhe uyasha.

“Ekhaya bekusele yena, udadewabo kanye nezingane zakhe ezimbili. Ngathi ngilele ngisemsebenzini kwangena ucingo luthi kuyasha ekhaya. Ushisa indlu nje balele laba abanye, baphaphame sekuvimbanise intuthu endlini umlilo usha ubuhanguhangu ngaleso sikhathi ubakhiyele akafuni baphume,” kusho yena.

Lo mama uthi kwasiza omakhelwane kanye nomfowabo owayelele egumbini eliphandle nokuyibona abagqekeza endleni ukuze kuphume laba abebelele phakathi.

Uthi uyile emaphoyiseni ethi uyobopha indodakazi yakhe kodwa avele athi makenze incwadi yesivimbelo, amtshela ukuthi uma ike yaphinda azoyibopha.

Utshele ILANGA ukuthi kakuphelanga sikhathi esingakanani yaphinda, ayathatha amaphoyisa.Emuva kwezinsuku ezimbili yabuya yamshaya kanzima.  Uthi manje useyesaba ukuyibophisa. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C High level clouds. Warm. PE: 14-18°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...