Uyabuya uMgijimi kwiSibaya sodumo - Umbiko

2017-03-05 17:00

Durban - Kuzoshunqa uthuli emdlalweni owuchungechunge wakumabonakude oyintandokazi futhi ongaconsi phansi kubalandeli bawo Isibaya.

Lo mdlalo odlala nsuku zonke kusuka ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu wazidonsela inqwaba yababukeli eminyakeni emibili eyedlule ngokuphendula uSiyabonga Twala olingisa indawo kaMpiyakhe Zungu, umkhovu.

Umthombo weLANGA LangeSonto ongaphakathi upotshozele leli phephandaba ukuthi lo mkhovu onguMgijimi uzobuya usuyisilwane esiqhofozela kwasani ephambi kwaso. Ngokusho komthombo, konke lokhu kuzokwenzeka kuyona le nyanga uNdasa (March).

Lo mthombo uqhuba uthi imbangela yokubuyisa uMgijimi idalwe yincindezi yababukeli beSibaya abathenga amaDSTV.

Lokhu bakuthole ezinkundlemi zokuxhumana lapho bexhumana khona nabalandeli babo. Kubikwa ukuthi ukubuya kwaMgijimi yikhona okuzogoba uNgwenya.

"UMpiyakhe Zungu, uSamson Ndovu kanye noSunday Nkabinde bazohluleka bancame ukubulala uNgwenya, lokho kuzobenza bafike esinqumweni sokuthi babuyise umgijimi ukuze ezokwazi ukubulala uNgwenya ngoba uMgijimi unamandla," kuchaza umthombo weLANGA LangeSonto ongashayi eceleni.

Uqhube wathi uNgwenya uzongeniswa esibhedlela esesimeni esingagculisi neze njengoba uMgijimi ezomshiya equlekile. Yize noma uNgwenya ezozama ukudubula uMgijimi kodwa uzohluleka ancame. UMgijimi kuthiwa uzobe eseyingozi ngisho emndenini wakhe uqobo ngendlela azobe enamandla ngayo.

Ubudlelwano boNdlovu noZungu bona kuthiwa buzoqina kakhulu kunakuqala njengoba uNdlovu ezobe ezwana noMgijimi.

OLUNYE UDABA: Kushone oshaywe washiswa umphakathi

"Lokhu kuzwana komndeni wakwaZungu noNdlovu kuzokwenza umshado kaThandeka noSbusiso ubuyele esimweni, bengaphinde bayikhulume eyesehlukaniso" kuchaza umthombo.

Yize noma lizobasebenzela oMpiyakhe leli cebo kodwa umndeni wakhe uzoshaya phansi ngonyawo ukuthi abe nguMgijimi. Okuzofike kubaqede amandla wukuthi sizokwenziwa uyena uqobo uMpiyakhe lesi siphakamiso.

Okhulumela iBomb Production okuyiyona eqopha Isibaya, uKutlwano Ditsele, akaphikanga futhi akavumanga kodwa uziqhelelanisile nokuphawula.

Uthe Inhloko yababhali bomdlalo ayikho eNingizimu Afrika, iseNigeria, ngakhoke akekho ozimisele ngokuqinisekisa into engakaveli ngoba engabuya ashintshe yonke into.

"Kunzima ukuphawula ngalolu daba ngoba inhloko yababhali uDez ayikho. Kungenzeka uma ibuya ifike ikushintshe lokhu esesikuqinisekisile," kuchaza uKutlwano.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...