Uvuma eyokuchapha omunye umculi ngenhlamba uMgarimbe

2017-11-05 12:18

Durban - Isilomo esingumculi weKwaito esimangaze abaningi ngokugagula inhlamba ezinkundleni zokuxbumana sithi asigudluki embalweni waso obesiwubhekise kuzakwabo uSjava.

UMgarimbe uthi usamile kwakubhalile ngalo mculi njengoba eze wambiza ngaphansi kwesiketi.

Ukuxabana kwalaba baculi kuqale ngemuva kokuba uMgarimbe efake isithombe esiveza ubuntu bomculi we-hip hop, u-Emtee obuphenduke inhlekisa ezinsukwini ezedlule.

Ngokusho kukaMgarimbe ukufaka kwakhe lesi sithombe ubenxusa abantu ukuba bangahlekisi ngo-Emtee njengoba bese beqalile ukuhlekisa ngobuntu bakhe.

OLUNYE UDABA:Usephinde wasematheni u-Emtee ngokudelela uMgarimbe

"Ngifake lesi sithombe ngabe sengibhala ngesilungu ngatho 'no body shaming'. Ngemuva kwalo mbhalo ngitshelwe ngabantu ukuthi nangu uSjava ebukisa ngami.

"Nebala ngiwubonile umbhalo wakhe engichaza njengomculi onengoma eyodwa sengathi yimoto ka-ice cream.

"Ngivele ngacasuka ngamtshela izindaba zakhe ngoba ngeke ngithule umuntu ebukisa ngami engehlisa isithunzi," kusho uMgarimbe engeza ngokuthi ngeke adlale iciko elihola ngenyanga.

"Akanake izindaba zakhe ahlukane nami. Anginankinga naye ngoba angikaze ngisgo lutho ngaye noma kuyena, angagxambukeli ezindabeni ezingamthinti," kusho lo mculi othi uzwe ngabantu ukuthi uSjava uyiqondise kuyena le nkulumo eneziswana nakuba engaligagulanga iciko elinengoma eyodwa.

"Uthi akazisoli ngenhlamba ayisebenzisile ngoba kumcasulile okushiwo ngaye. Sengidlulisile ngoba ngimtshelile, angixabene naye kodwa kumele azi ukuthi ngeke asho akuthandayo ngami bese ngiyathula.

"Lokhu ngingakwenza kunoma ngubani ongidelelayo ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana," esho.

Ngakolunye uhlangothi uSjava uthe akakugqizi qakala ukuthukwa uMgarimbe.

"Abantu bahlale bengithuka ngakho kufana nokuthela manzi emhlane wedada akushilo," kusho uSjava.

Uthi akazi ukuthi umenzeni uMgarimbe aze emthuka kodwa akuyona into azoyigxilisa emqondweni wakhe ngoba kuningo akwenzayo futhi impilo iyaqhubeka.

 - ILANGA LangeSonto  

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...