Uveze ezishaqisayo uZodwa Wabantu

2016-09-11 16:27

Durban – Idalule ezishaqisayo intokazi esizakshele udumo kwezobumnandi esematheni kulezi zinsuku, uZodwa Libram, edume ngelikaZodwa Wabantu.

Idalulele i-LANGA langeSonto amagama ezikhulu nosaziwayo abahlonishwayo futhi abaganiwe, yathi isike yazitika nabo ngocansi.

UZodwa, 31, uveze ukuthi akanankinga nempilo ayiphilayo yize kukhona abamgxekayo.

“Mina kangifune dumo, abantu abangacabangi ukuthi ngoba ngihamba lezi zindawo ngifuna ukuduma, mina abantu abaningi abadumile ngilalile nabo,” ezikhulumela, esho amagama abo.

OLUNYE UDABA: UZodwa Wabantu uthi akasabazi ubuthongo

Uthi yena mdala kabi ukuthi kungathiwa udansa ngale ndlela ngoba efuna udumo.

‘Uma ngiye kulezi zindawo ngisuke ngiyozijabulela nje ngidle nemali yami,” kusho le ntokazi eyazalelwa eSoweto, eGauteng.

Phakathi kwkabantu ababalile athi wake walala nabo kubalwa isiqumama ebesishade nomlingisi, wumsakazi nomethuli wezinhlelo kumabonakude – okumanje wethula uhlelo lwasekuseni komunye wemisakazo emikhulu kuleli.

Thola udaba oluphelele kwiLANGA LangeSonto.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...