Uvalo ngentombazane ebulawe yashiswa eFolweni

2017-10-16 11:00

Durban - Udliwa yingebhe umphakathi waseFolweni, eningizimu yeTheku ngenxa yokuchanasa kowesilisa osolwa ngokubulala intombazanyana yakuleli lokishi maqede wazama ukushisa isidumbu sayo ngoNhlaba (Meyi) nonyaka.

USmangele Mthembu, 18, obefunda uGrade 11 eSphephelo High School, khona eFolweni, kuthiwa unyamalale kubo ngoLwesihlanu lomhla ziyisihlanu kuNhlaba, ehamba nabangani bakhe.

Kuze kwashaya uLwesibili lomhla ziyisi-9 enyangeni efanayo, engaziwa ukuthi ukuphi. Amalunga omphakathi - okuyiwona ancinze indlebe leli phephandaba mayelana nalolu daba - athi kuwaphatha kabi ukubona umsolwa echanasa ngaphandle.

Okuwuphatha kabi kakhulu wukwanda kwamahlebezi okuthi umseshi waleli cala usejola newele likamsolwa. ILANGA livakashele eFolweni laxoxa namalunga omphakathi ahlukene athi kawaqondi ukuthi kungani umsolwa abe ngaphandle kodwa isidumbu sikamufi sitholwe egcekeni lakubo esezame ukusishisa.

“Sikhethe ukunibiza nike niyolekelela kulo mndeni ngoba siyabona ukuthi kawusizakali nhlobo. Kwenzeka kanjani ukuthi umfana ‘abulale’ ingane nje endaweni kuthuleke? Yingoba wumndeni okubonakalayo ukuthi uswele?” kusho elinye ilunga lomphakathi elidonse ngendlebe leli phephandaba ukuba lingalidaluli igama lalo kwazise nalo limsabisa okwenyoka umsolwa. Leli lunga lomphakathi lithi umsolwa ungumakhelwane walo, lihlale limubona ephuma engena kubo.

"Okusixaka kakhulu wukwanda kwamahlebezi okuthi umseshi waleli cala usejola newele likamsolwa," kuqhuba leli lunga.

ILANGA livakashele umndeni kaSmangele othi kawazi kuqhubekani ngecala. Leli phephandaba likwazile ukukhuluma namalunga alo mndeni yize ebemanqika ukukhuluma.

"Ngesikhathi sithola umbiko ngengane yentombazane etholakele, siye emaphoyiseni ngemuva kokubona isithombe sibona ukuthi nguyena uSmangele. Sifike emakhazeni kahulumeni ePark Rynie, lapho sikhishelwe khona isidumbu ebesesonakala kodwa sabona ukuthi nguyena.

OLUNYE UDABA: 'Ubehlukunyezwa yisoka otholakale ebulewe'

Yize ebehangukile - ngoba umsolwa uzame ukumshisa - ubengashile kakhulu ngoba bekusabonakala ukuthi nguyena. Ngempela sishilo ukuthi nguyena uSmangele, sasinikwa isidumbu saqhubeka namalungiselelo samngcwaba mhla zingama-20 kuyona le nyanga alahleke ngayo," kusho ilunga lomndeni.

Lo mndeni uthi kuthe ungakafihli kwafika umseshi wecala - ILANGA elinalo igama lakhe - wawutshela ukuthi umsolwa uzombopha ngaphambi kokuba ungcwabe. "Kuze kube yimanje, kasikaze sizwe lutho kuyena. Sigcina ukukhuluma naye ngoNcwaba (Agasti), usibuze isimanga wathi sazi ngani ukuthi nguSmangele lona esimngcwabile.

"Angasibuza lokho ngemuva kwezinyanga ezingaka ingane siyingcwabile? Osekusimangalisa kakhulu-ke manje wukuthi sesiyazi ukuthi kungani engambophile umsolwa ngoba vele sekudume iFolo lonke ukuthi usethandana newele likamsolwa," kusho leli lunga libambe izinyembezi.

Uninakhulu kaSmangele akakwazanga ngisho ukukhuluma naleli phephandaba njengoba ebelokhu egquma, kuzwakala ukuthi kuvuka izinhlungu ngokubulawa komzukulu wakhe.

Lo mndeni uthi amaphoyisa athole isidumbu sentombazane engaziwa ibekwe phezu kwezinkuni kubo kamsolwa. Uthi afake isimemezelo ngesidumbu esingaziwa, bona baze bakhonjiswa ngomakhelwane bebuza ukuthi kakusiyena yini uSmangele lona.

“BesekuwuLwesibili sibona leso simemezelo sabe sesilibangisa emaphoyiseni siyosho ukuthi silahlekelwe. Ngempela siyiswe emakhazeni safike sathola ukuthi nguyena. Kusiphatha kabi ukuthi ingane yethu ibulawe kabuhlungu kangaka kodwa kungenzeki lutho futhi kuthi noma silandelela, singasizakali.

"Okubuhlungu kakhulu wukuthi njengoba ingane itholakale egcekeni lakubo kamsolwa, ngisho umndeni wakubo kawusilekelelanga ngalutho ekutheni siyifihle, kudingeke ukuba sizipatanisele,” kusho ilunga lomndeni.

Uveze ukuthi ngesikhathi umsolwa ebuzwa wumndeni wakhe ukuthi ushisani - ngesikhathi eshisa isidumbu - uthe ushisa isikhumba senkomo endala. Ngesikhathi ILANGA livakashele kubo kamufi, bekubonakala ukuthi unokwesaba njengoba umsolwa echanasa ngaphandle kanti nayo indodakazi yawo uyifihle egcekeni, kuke kuze kuse ungalele kukhonkotha izinja ungazi noma umsolwa usezokumba isidumbu yini.

Ngesikhathi IILANGA libuza ukuthi likhona yini icala elivuliwe ngokubulawa kukaSmangele, umndeni uvele wabukana wathi kawazi futhi kawunayo nenombolo yalo - uma likhona elivuliwe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe umndeni unelungelo lokuya kumphathi-siteshi uyocela ukuthi icala liphenywe ngomunye umseshi. "Uma umphathi-siteshi engawusizi, ungalidlulisela ku-cluster commander," kusho uLt Colonel Zwane. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...