Uvalo loweBucs nge-Arrows

2017-11-20 18:00

Durban - Ubona ingozi kwiLamontiville Golden Arrows umdlali we-Orlando Pirates osefomini kulezi zinsuku. La makilabhu azobhekana kowe-Absa Premiership kusasa ngoLwesibili ngo-19:30 e-Orlando Stadium.

IBucs isidume ngokuzenzela kwi-Arrows njengoba njalo uma bebhekene iyithwalisa kanzima. UThabo Qalinge odlala esiswini kwiBucs, uthi i-Arrows izoba yingozi ngoba iza inegqubu kubona njengoba beyiwashise ijezi koweTelkom Knockout, kubika ILANGA.

OLUNYE UDABA: Kuputshuke uhlu lwabafunwa yi-Bucs

"Lo mdlalo uzoba mnandi futhi silindele ube seqophelweni eliphezulu ngoba i-Arrows idlala kahle. Ngibona izoba yingozi ngoba iza inegqubu njengoba siyikhiphe kwiTelkom. Kodwa-ke siyayidinga le wini noma kanjani sizokuqinisekisa ukuthi siyawunqoba lo mdlalo," kusho uQalinge.

UClinton Larsen ololonga i-Arrows uthi zihambe kahle izinhlelo zakhe akakhali ngalutho. "Leli khefu esinalo lisisizile ngoba sikwazile ukulungisa izinto ezithile.

"IPirates izoba nzima kodwa siyakwazi okufanele sikwenze. Kulo mdlalo singabuya nokuthile yinqobo nje uma abadlali bethu bengeke bangenwe ngamanzi emadolweni uma sesibhekene nayo," kusho uLarsen.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...