Uvalo ebulawa ephuma emcimbini eMpendle

2017-10-12 19:33

Durban - Ulala obenyoni umndeni wakwaNzimande eMakhuzeni eMpendle, maphakathi neKwaZulu-Natal ohlaselwe ngamadoda angaziwa ngeSonto ebusuku, avulela ngenhlamvu kwashona oyedwa kwalimala kanzima abane.

Lo mndeni uthi usuwesaba ngisho nokulala ngemuva kwalesi sigameko. Ngokusho kwelunga lomndeni, elicele ukuba lingavezwa igama lalo ngenxa yokwesaba ukuthi abahlaseli bangase babuye balisoconge, litshele ILANGA ukuthi lisizwe wukuthi cu ngesisu njengoba abahlaseli bebedubula kwasani obelusendlini.

Kulesi sigameko kushone uMnu Zwelethu Nzimande, 46, kwathi umkakhe uNkk Ntombikayise Nzimande, 41, uMnu Mantshe Dlamini, 38, uMnu Thokozani Mbelu, 36, noMnu Thokozani Dlamini, 30, balimala kanzima.

Lichaza leli lunga lomndeni, lithi bahlaselwa nje, umfowabo lo oshonile noMnu Dlamini noMnu Mbelu, bebefika bephuma eSolokohlo khona eMpendle, lapho bekunomcimbi khona wozalo lwabo.

“Uma sizwa, kulo mcimbi kube nokuxakazisana nokungabafanyana obekuhlupha kodwa leyo nto yabuye yadlula. Ebusuku ngezithuba zehora lesi-8, sekuyaba kungena amadoda angaziwa ayasidubula. Kasazi noma lokhu kudubula kulandela leyo ngxabano ebisemcimbini yini noma bekuyizigebengu.

"Laba bantu bangene sihleli ekhishini bakhomba umfowethu ngesibhamu bethi makakhiphe imali. Umfowethu uthe lacu wayithatha phezu kwefriji wabanika. Bakhale ngokuthi yincane le mali makaphume ayolanda enye kwezinye izindlu kodwa kabazange besamnika lelo thuba lokuphuma njengoba bevele bamdubula, badubula nomkakhe.

"Ngalesi sikhathi sonke bese silele phansi kodwa baqhubeka badubula kwadubuleka nalaba abanye abalimele. Mina kangazi ngisinde kanjani njengoba ubeyedwa obephethe isibhamu laba abanye besigwaza ngemimese," kusho leli lunga.

OLUNYE UDABA: Sekuphinde kwaqothwa omunye umndeni e-KZN

Lithi laba abalimele baselashwa esibhedlela - esingeke sisidalule ukubavikela - kanti uMnu Nzimande oshonile bahlela ukuthi uzofihlwa ngoMgqibelo.

UMnu Sabelo Ndingi oyilunga lekomiti lewadi, uthi umphakathi wonke waseMakhuzeni uhlafuna ujeqeza kuhle kwenyamazane ngenxa yalesi sigameko ngoba namanje kawukayazi imbangela yokuhlaselwa kwabakwaNzimande.

"Sinenkinga yobugebengu la endaweni. Sike sazama nokwakha ithimba elibhekelele ubugebengu endaweni (Community Policing Forum) kodwa kwagcina kungenzekanga. Inkinga wukuthi le ndawo isemgceleni weBulwer neMpendle, ngokukamasipala singaphansi kweMpendle kodwa uma sifuna ukuvula amacala sikhonjwa eBulwer sibuye sikhonjwe eMpendle.

"Sike saba nenkinga yamasela abentshontsha izinkomo ezinqumela la, uma sithi siyabika emaphoyiseni sikhonjwe le nale. Lelo cala namanje kasazi ukuthi liphethwe eBulwer noma eMpendle yini," kusho uMnu Ndingi.

Ikhansela lendawo, uMnu Sadewu Ngubane, lithe sibathuse kakhulu isigameko sokuhlaselwa kwalo mndeni. “Sesithembe amaphoyisa ukuthi azosebenza ngokuzikhandla ukuze lezi zigebengu zithole isijezo esizifanele. Kule ndawo izigebengu ziyacanasa, emasontweni adlule zike zagasela egalaji ziyobamba inkunzi, zagcina sezidubulana namaphoyisa kodwa zagcina ziphunyukile zabaleka," kusho uMnu Ngubane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe akekho osaboshiwe njengoba amaphoyisa esematasa enza uphenyo.

Kuhlaselwa lo mndeni nje, kubukeka sewkuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuhlaselwa kwemindeni kushiywe kuvalwe ngehlahla.

Kakukapheli sikhathi esingakanani ILANGA libike ngabesifazane ababili bakwaSibiya asebekhulile abadutshulwe bashiswa nabazukulu babo, okukhona kubona noneminyaka emibili ubudala.

Ngaphandle kwalo mndeni, kukhona owakwaNtshangase ohlaselwe eNkandla - okusolwe khona umbango wobukhosi. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...