UTinkler ujatshuliswe yisenzo seChiefs

2017-09-29 12:31

Durban – U-Eric Tinkler ongumqeqeshi weSuperSport United ucela usizo njengoba ezakhe zizokuba nomdlalo omqoka weConfederations of African Football (Caf).

ISuperSport izobhekana neClub Africain yaseTunisia emlenzeni wokuqala we-semi-final yeCaf Confederations Cup ngoMgqibelo ngo-15:00 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.

Lo mdlalo uzoboniswa bukhoma ku-SS9, kubika ILANGA.

ISuperSport yiyona kuphela esiyithemba leNingizimu Afrika emidlalweni yase-Afrika njengoba isisele yodwa.

IMamelodi Sundowns ebisele nayo ikhishwe yiWydad Casablanca ngeledlule koweCaf Champions League.

UTinkler uthi kulo mdlalo bazodinga usizo lwabalandeli bebhola baseNingizimu Afrika yonkana.

OLUNYE UDABA: I-SuperSport imemezele u-Eric Tinkler njengomqeqeshi omusha

“Ngijabule kabi njengoba iKaizer Chiefs iyodlala neBaroka eThekwini ngoba abalandeli bayo abaningi baseGauteng bazokube besele, ngeke baye eThekwini. Engikucelayo kubathandi bebhola ikakhulukazi kwabaseGauteng wukuba baphume ngobuningi babo ukuzoseseka.

“Lo mdlalo kakusesiwona oweSuperSport kuphela kodwa ngowabantu baseNingizimu Afrika yonkana. Usizo lwabalandeli siludinga ngendlela eyisimanga kulo mdlalo,” kusho uTinkler.

Uthi kuzofanele bakuqinisekise ukuthi bayawunqoba lo mdlalo kumnyama kubomvu.

“Sicishe sazonela thina izinto kwiZesco United kwi-quarter final siyiyeka ekhaya. Kulokhu kufanele sikuqinisekise ukuthi siya kuleliya lizwe kukhona esikuphethe esandleni. Lo mdlalo kawuzokuba lula. Le kilabhu inamandla futhi inomlando emidlalweni yase-Afrika.

“Kodwa-ke ngosizo lwabalandeli kangiyiboni isihlula yingakho ngibacela ukuba baphume ngobuningi babo bazoseseka,” kugcizelela uTinkler ofinyelele kowamanqamu walo mqhudelwano elolonga i-Orlando Pirates eminyakeni embalwa eyedlule.

 

 

 

 

 

 

 

 

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...