Utholwe enqunywe uqhoqhoqho 'kubangwa amasimu'

2017-09-04 16:00

Durban - Usabambe ongezansi umndeni wakwaHlophe eBrema, eMzinto, eningizimu yeKwaZulu-Natal ngelungu lawo elitholwe linqunywe uqhoqhoqho emuva kokuba libenengxabano noninalume bebanga amasimu.

UMalaleveva Hlophe, 45, obeziphilisa ngokulima, utholwe ngoLwesihlanu ngamaphoyisa ahamba nezinja emuva kokuba engabuyanga emasimini ngoLwesine kwaze kwasa umndeni wakhe umfuna ungamtholi.

Kusolwa uninalume - esiligodlile igama lakhe aze avele enkantolo - kwazise babenokungaboni ngasolinye ngosuku ashone ngalo.

Ngokusho kukaNobuhle Hlophe, 38, oyilunga lomndeni, ngosuku alahleke ngalo uHlophe, uhambe ekuseni njengenjwayelo waya emasimini.

OLUNYE UDABA:Udidekile okunqunywe indodana yakhe uqhoqhoqho

Kuthe ngezuthuba zamadina wabuyela kubo eyodla wabuye waphindela emasimini. Esephinda ubephethe izithombo nobhushu asebenza ngawo njengoba kule ndawo atshala kuyona kunamahlathi obekudinga awagengce.

"Kuze kwahlwa ubhuti engabuyi. Kukhishwe izingane ukuba ziyomfuna kodwa zangamthola kanti zizothi sezibuya zibuze komunye umuntu ukuthi akambonanga yini.

"Zithi lowo muntu uthe ubemi emgwaqweni ephuma emasimini nomalume osolwayo, bekhuluma kucaca ukuthi banokuhilizisana. Uma ebuzwa umalume, uthe naye akakaze ambone ngalolu suku alahleke ngalo.

"Kuthe uma esefonelwa sekukhona namaphoyisa, waphika kodwa wabuye wavuma ngoba lo muntu ombonile emi nomufi ubesefakaza.

"Uphika nje, ngesikhathi ubhuti ezodla emini kuthiwa kukhona abaxoxelile ukuthi yena lo malume ungene emasimini akhe ngogandaganda wabulala izitshalo zakhe," kusho uHlophe.

Uthi ngaphandle kwalokhu, kunecala elisanda kumlahla umsolwa ebelifakwe nguHlophe konkosi, emsola ngokusiphula izitshalo zakhe.

"Uma ebuzwa ezinduneni ukuthi ubekwenzelani lokho, umsolwa uveze ukuthi ubhuti utshala phezu kwamathuna akubo. Uma ebuzwa ukuthi ubengakhulumi ngani amazise kunokuba asiphule izitshalo, inkukhu yanqunwa umlomo.

"Icala limlahlile wakhokhiswa u-R1 000 kuleyo mali ubesakhokhe u-R400 kuphela. Ubhuti akayithathanga neleyo mali yakhe njengoba wathi uzoyithatha esibondeni isiphelele," kusho uHlophe.

Uthi bewumndeni bafe olwembiza ngokubulawa kukaHlophe njengoba ebewusizo emndenini futhi ubethanda nabantu. 

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala, uthe likhona icala lokubulala elivuliwe ngalolu daba kanti amaphoyisa asathungatha umsolwa.

Uthi umufi utholwe ngamaphoyisa ophiko lwe-K9 ngoLwesihlanu ehlathini enqunywe uqhoqhoqho.

Imbangela uthi kayikaziwa njengoba amaphoyisa asenza uphenyo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...