Uthi ufuna ukunxeshezelwa ngo-R80m owagwetshelwa icala angalenzanga

2017-07-11 14:01

Pietermaritzburg - Owesilisa owaboshelwa ukuthi ufana nomuntu owenza icala wabhadla iminyaka emithathu ejele uthi ufuna uhulumeni amunxephezele ngemali engu-R80 million ngokugwetshelwa icala angalenzanga.

UMkhulekeleni Phakathi oneminyaka engu-33 ubudala ufuna ukunxeshezelwa ngale mali kulandela ukuboshwa nokugwetshelwa icala angalenzanga lokweba imali engu-R40 nokubulala ethaveni, eMthatha.

OLUNYE UDABA: Uzonxeshezelwa ngo-R350 000 owashelela emastebhisini wawa

Umngani kaPhakati ababeboshwe naye yena washonela ejele, kubika ILANGA.

Lo mlisa uphume ejele ngesonto eledlule. Uthi impilo yakhe yamosheka njengoba ayehlele ukushada ngesikhathi eboshwa eMthatha lapho ayesebenza khona.

UPhakathi uthi ingoduso yakhe yayizithwele ngesikhathi eboshwa kanti indodana yabo isineminyaka emithathu ubudala manje.

UPhakathi uphume phambili ngemuva kokuba iNkantolo eNkulu yaseMthatha ibuyekeze udaba lwakhe.

Uthi yize ethokozile ukuthi ubuyele emndenini waakhe, kepha uhulumeni kumele umnxephezele ngaleli phutha elenzeka.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...