Uthi akanagqubu owaxoshwa kwiPirates

2016-11-14 15:59

Durban - Ukungabi nampumulo konyawo kwenza angalibambi igqubu uSifiso "Nsunda" Myeni oyisiphekepheke somdlali weBidvest Wits oxoshwe engazelele kwi-Orlando Pirates abesabheke ukuyenzela lukhulu.

UMyeni utshele ILANGA ukuthi nakuba ehambe kabuhlungu kwiBucs etshelwa eziqwini zamehlo ukuthi akekho ezinhlelweni zikaMuhsin Ertugral osanda kuphonsa ithawula kule kilabhu, akamubambele amagqubu lo mlolongi odabuka eTurkey.

U-Ertugral uhoxe kwiBucs emuva kokuba ithelwe yiSuperSport United ngehlazo lika-6-1 kowe-Absa Premiership.

Abathandi abaningi bakanobhutshuzwayo bagcine sebeyiteketisa ngele-Six Mabona le kilabhu yaseSoweto.

UMyeni uthe: "Nganquma ukuya ku-Ertugral ngafika ngamxhawula ngesikhathi kumele sidlale nePirates eBidvest Stadium emdlalweni owahlehliswa ngenxa yezibhelu zabafundi basemanyuvesi. Ngangifuna abone ukuthi kanginalo igqubu ngesenzo sakhe esangishiya ngizibuza imibuzo eminingi, kodwa-ke impilo kumele iqhubeke.

OLUNYE UDABA:  Ubonakale kwiWits owadedelwa yiChiefs

"Ebholeni bayafika bahambe abaqeqeshi, kusengenzeka noma yini yingakho ngingakuthandi ukuveza umbono wami ngezinqumo zabaqeqeshi kwazise ngingathi ngisadlala kwiWits ivele imqashe bese ngiba senkingeni yokulahlekelwa wumsebenzi wami."

Uthi uzizwa esezelwe kabusha kule kilabhu ecijwa nguGavin Hunt ambiza ngosomahlaya.

Umdlalo olandelayo weWits izowugijima nePlatinum Stars ngoMgqibelo ngo-20:15 eRoyal Bafokeng Sports Complex, eRustenburg.

IStars kayigayelwa mphako kwazise ithule emthini iLamontville Golden Arrows, iyijuqa ngo-1-0 ngeledlule ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...