Usuphenduke indawo yezokuvakasha umuzi kaMseleku

2018-01-14 14:03

Durban - Usuphenduke enye yezindawo ezisemqoka kwezokuvakasha umuzi kaMusa Mseleku, wohlelo lukamabonakude oludumile uThando neS'thembu, olusakazwa kuMzansi Magic.

ILanga LangeSonto lithole ukuthi le ndawo isingenye yalezo eziheha izivakashi (tourist attraction), ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal.

Lokhu kuvezwe nguyena uMseleku ngesikhathi leli phephandaba livakashe kwakhe ezinsukwini ezedlule.

OLUNYE UDABA:Uhlelo olusha olulandela impilo yomndeni osesithenjini

Uthi sekunohlelo lokuletha nokwamukela izivakashi ezifisa ukubona umuzi wakhe. Lolu hlelo luqhamuke ngemuva kokuba kubonakale inqwaba yezivakashi zitheleka kwisithabathaba somuzi kaMseleku onamakhosikazi amane.

"Ukutheleka kwabantu lapha kuze ngemuva kokusakwazwa okokuqala kwalolu hlelo olukhombisa ngempilo yakhe nesithembu.

Babe sebebona ukuthi kunesidingo sokwenza uhlelo oluqondile futhi oluphephile ngoba abaningi bebevele batheleke ngaphandle kokuhlela naye.

"Bengivele ngithole ucingo oluphuma lapha ekhaya kuthiwa kunabantu abasesangweni bathi bazobona uMseleku namakhosikazi akhe," kusho yena.

Thola udaba oluphelele kwiphephandaba iLanga LangeSonto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...