Usongelwa ngokufa umqeqeshi we-PSL

2017-04-20 16:02

Durban - Uthola izinsongo zokubulawa umqeqeshi wekilabhu egijima kwiPremier Soccer League (PSL) osolwa ngokuba ngumdayisi.

ULuc Eymael odabuka eBelgium usule isigubhukane kwiPolokwane City wajoyina iBloemfontein Celtic.

Ukhale ngempatho engeyinhle abeyithola ezikhulwini zePolokwane City. Ubuye wazisola nangokugxambukela emsebenzini wakhe.

IPolokwane ifake icala kwiDispute Resolution Chamber (DRC) yePremier Soccer League (PSL) ikhala ngokuthi lo mqeqeshi uphule isivumelwano.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe owe-PSL ngezokudlwengula

Limulahlile icala u-Eymael ngoLwesibili. I-DRC inqume ukuthi abuyele kwiPolokwane ayoqhubeka nomsebenzi.

Kuthiwa emuva kokuba kuphume lesi sinqumo, lo mqeqeshi uthole imiyalezo emusabisa ngokumusoconga uma nje eke wasondela kwiPolokwane.

Kuthiwa eminye imusola ngokuba ngumdayisi yingakho iPolokwane isidonsa kanzima.

U-Eymael unqume ukulidlulisa icala. Lo mqeqeshi ebuzwa ngalolu daba, wale waphetha ukuphawula ngalo wathi luyamuhlukumeza emoyeni. Ukuvumile ukuthi uyalidlulisa icala ngoba ufuna iqiniso lihlale obala.

Lo mqeqeshi uthola izinsongo nje, ngesikhathi iCeltic iyodlala nePolokwane koweligi ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo, emasontweni amabili edlule kusuke umsindo evinjwa ngezinye izikhulu zale kilabhu ukuba angene enkundleni. Kugcine kumuncu kodwa wagcina ngokungena esegadiwe.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-18°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-26°C Sunny. Mild. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...