USomnandi ukhala ngomfana omethukayo

2017-04-28 12:32

Durban – “Angifuni nakuyizwa ingoma yalo mfana ngoba ngizosuke ngimthathele izinyatshelo. Usezikhombisile ukuthi uyingane engahloniphi, ekhuliswe ngobuhlongandlebe ekhaya kubo”.

Lawa ngamazwi esihlabani sikamasikandi uThokozani “Somnandi” Langa odinwe uyaveva ngezinsolo zokuhlaselwa nguKhayelihle “Potso” Ngobese weqembu Amageza Amahle, kwi-albhamu yaleli qembu entsha ethi Inhlesa nenhlama, enezingoma ezinamagama aziswana okukholakala ukuthi abhekiswe kuSomnandi.

Ekhuluma neLANGA LeTheku uSomnandi ubengakwazi nokukhuluma ngenxa yentukuthelo, esho nokuthi ngeke yena adlale ingane (uPotso) ebukela phansi isithunzi sakhe.

USomnandi uthi ayikho ingxabano ephakathi kwakhe noPotso kodwa uyazi ukuthi uyasetshenziswa ngabathile abasemuva kwakhe abathi makalwe naye, aqhubeke lapho okwakugcine khona iNdidane.

OLUNYE UDABA: Uthi uphakathi komhlane nembeleko uSomnandi eMabala Noise

Utshele leli phephandaba ukuthi uPotso ubolile, ufana nesibozi esintanta phezulu esizibeni. Uthi yena ubazi ukuthi ulwa noMtshengiseni “iNdidane” Gcwensa, hhayi noPotso ngoba uyingane elingana nezingane zakhe azizalayo.

“Akaqhubeke engabe esama. Ungamthuka kanjani umuntu omdala engakaze asho lutho kuwena ekubeni uyingane? Lo mfana kumele engabe usacula izingoma zothando nokweshela izintombi ezizokhulisa izinsizwa emakhaya, zikhuthalele ukweshela,” esho.

Ethintwa uPotso uthe yena ngeke ashumayele acule izingoma zokholo, uma kukhona onenkinga “akahlabeke”.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...