Usizi bengaholi abadlali be-PSL

2017-07-16 18:08

Durban – Kubhoke inkemane kubadlali abakhala ngokungaholi eakilabhini aseCape Town adlala kwiNational First Divisoon ngaphansi kwe-PSL.

ILANGA LangeSonto lithole ukuthi kulamule iSouth African Football Players Union kubadlali beCape Town All Stars abagcine beyithole ngoLwesine imali yenyanga edule kangti kusacwebe iziziba kwiSantos egencwe yizembe ngesizini edlule ukuyogijima kwi-Safa Western Cape ABC Motsepe League.

Leli phephandaba lithole ukuthi abanye abadlali be-All Stars bebekweletwa imali eyisigamu sesizini edlule njengoba kubikwa ukuthi bebegcine ukuhola kuvalelwa amaholidi kaZibandlela.

OLUNYE UDABA: ISundowns isiphendule i-PSL ihawu

Yingalesi sizathu sokushoda kwenkece okwenze ikilabhu yafakwa endalini okungacaci ukuthi izoqala isizini ingaphansi kwasiphi isandla.

Izindaba zokukweletwa kwabadlali ziqinisekiswe nguBrent Carelse weSafpu eWestern Cape otshele leli phephandaba ukuthi ulwe kanzima nabaphathi be-All Stars ukuthola imali yabo.

Imizamo yokuthola izikhulu ze-Stars kayiphumelelanga kwazise belukhala lungabanjwa ucingo lukaLunga Ncwana ongumnikazi wayo futhi lungayamukeli imiyalezo.

Kwenzeka esifanayo nakuGoolam Allie ongumnikazi weSantos.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...