Usinde esedliwa yizembe owoZalo

2017-09-24 13:02

Durban - Kubiwa ukuthi usinde esezodliwa yizembe umlingisi odumile emdlalweni kamabonakude, olandelwa yizinkumbi zababukeli eNingizimu Afrika.

ILANGA LangeSonto lipotshozelwe yimithombo yalo engaphakathi emdlalweni uZalo, olukhonjiswa ku-SABC 1 phakathi nezinsuku, ukuthi uKhaya Dladla, olingisa indawo kaGC bese bemchitha aboZalo.

Ngokusho kwalo mthombo, indlela abebezomchitha ngayo uGC wukuqeda indima yakhe ngandlela thile,emdlalweni.

Umthombo uthi lo mlingisi usindiswe wukuncengelwa ngabe-SABC njengoba kwaziwa ukuthi lo mlingisi ungomunye wabathandwayo kulo mdlalo.

OLUNYE UDABA:"UGxabhashe" uthi kwakungekuhle eshiya kuZalo

"Bebemfuna ehambile aboZalo kodwa wavikelwa yisiteshi," kulanda lo mthombo.

Lo mthombo uthi obekucika aboZalo ngalo mlingisi wukuthi ubesengenwe wumkhuba wokuzikhethela ukuthi yibaphi abadlali afuna ukulingisa nabo.

"Ubefuna abantu abangeke baze behlise umfutho wakhe, efuna umuntu osezingeni elilingene nelakhe ekulingiseni, hhayi imfundamakhwela," kuqhuba lo mthombo.

Umthombo uthi futhi naye uGC uke wasikaza ukushiya kulo mdlalo ngoba esebona ukuthi aboZalo kabasamphethe kahle. Kuthiwa futhi ubenganeme nangeholo lakhe.

Ngaphandle kukaGC, kubikwa ukuthi nomunye umlingisi oqavile ohlela ukuwulaxaza phansi lo mdlalo, nguThandeka Dawn King odlala indawo kaMaNgcobo emdlalweni.

Omunye umthombo upotshozele leli phephandaba ukuthi uThandeka usadlala amadayisi, ucabangisisa kahle isinqumo sokushiya.

Umthombo uthi uDawn ungumuntu odinga ukuqondwa indlela ayiyo njengoba engumuntu owangenwa yidlozi.

Nokho bobabili laba balingisi bebuzwa yileli phephandaba bathi yonke le mibiko ingamampunge.

Ekhuluma neLANGA LangeSonto uKhaya, uthe akazi ukuthi aqhamukaphi amahlebezi okuthi ubefuna uhamba.

"Angazi ukuthi abantu bazweni ngami. Mina kade ngagcina emsebenzini, okwamanje ngisaziphumulele," kusho yena.

Ebuzwa ngamahlebezi okuthi akeneme ngeholo lakhe kulo mdlalo, ucele ukuba kuthitwe okhulumela uZalo ngoba akasazimisele ukukhuluma okungaphezu kwalokho asekushilo.

UThandeka Dawn King yena eziphendulela uthe: "Angikahambi kuZalo. Uma kwenzeka ngishiya ngizokwazisa wonke umuntu, kodwa okwamanje ngisathokozele ngokuba yingxenye yalo futhi ngiyabuya kwi-Season elandelayo," kuphetha yena.

Ukoketso Phlala okhulumela uZalo, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engazange abuyele entathlini njengokwesethembiso.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...