Usinde engozini embi umculi wowokholo

2017-12-10 11:02

eThekwini - "Besithi siyaqeda ngami isitha", kusho isilomo somculi wowokholo uSphumelele Mbambo esisinde kukubi engozini yemoto enyantisayo, eshiye imoto yaso ipoqoke yaphela.

USphumelele wazakhela udumo emncintiswaneni othi, I want to sing Gospel naseqenjini iJoyous Celebration, uthi namanje usamangele ukuthi uphume kanjani engenamyocu kule ngozi eyenzeke ngoLwesibili ekuseni.

Uthi ubesendleleni eya eMpangeni lapho bekunomcimbi obekumele adumise kuwona.

Elandisa iLanga langeSonto, uthi usuke ekhaya ezintatha ngenhloso yokusheshe afike endaweni yomcimbi.

"Ngithe ngisanda kwedlula eZinkwazi sengibheke ngaseMandeni kwenzeka into eyisimanga kwabasengathi imoto ayisashayelwa yimina, yilapho iphaphalaze khona yagcwala umgwaqo.

"Ngaleso sikhathi ngiyacula ngiyakhuleka ngoba nami bengingazi ukuthi kwenzekani,"kuchaza yena.

OLUNYE UDABA: Ingozi yemoto ishiye kuvalwe ngehlahla emndenini e-KZN

Uthi imoto iphaphalaze yaze yayokhalakathela exhaphozini.

"Ngesikhathi iphaphalaza iphenduke yaze yahamba nangokhakhayi."

Uthi owesilisa obe ngowokuqala ukufika ngicele ukuba athathe izithombe ukuze ngifake ezinkundleni zokuxhumana athole abazomsiza.

Uthi akaboni ukuthi imoto yakhe iyophinde ilunge ngendlela elimele ngayo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...