Usikaza ukucela ukudedelwa kwiChiefs umdlali ongasalitholi ijezi

2018-02-04 13:32

Durban – Kuvela ezithi usikaza ukucela ukukhululwa kwiKaizer Chiefs uHendrick “Pule” Ekstein osesizwa ngendaba isikimu kule kilabhu ecazelane amaphuzu neBidvest Wits kuba ngu-1-1 kowe-Absa Premiership izolo.

IChiefs yiyona ebone kuqala amapali lapho egxunyekwe ngakhona ngegoli likaRyan Moon alubhakuzise enethini ngomzuzu ka-41. Leli goli libulawe ngelikaLehlohonolo Majoro ngomzuzu ka-54.

Ukuhluleka kweChiefs ukuqoqa amaphuzu agcwele kulimaze izinhloso zayo zokusondela kwiMamelodi Sundowns eqhubekayo nokuvula igebe esicongweni, kubika i-LANGA LangeSonto.

Nakulo mdlalo akazange abonakale u-Ekstein kwazise ubengekho ngisho ebhentshini. Selokhu iChiefs isayinise izibabuli zabadlali ezigijima endaweni efanayo neyakhe ijezi ulizwa ngendaba u-Ekstein.

OLUNYE UDABA: Kuvele amahlazo emcimbini weKaizer Chiefs wokuvala unyaka

IChiefs ijabulise abalandeli bayo njengoba isayinise abadlali abavutha bengabaselwe, okubalwa uSiphelele “Stash” Ntshangase noKabelo Mahlasela abalihlikihla esiswini.

UNtshangase useqalile ukobonakala kule kilabhu kanti uMahlasela uyoze adlale ngesizini ezayo njengoba elimele.

Leli phephandaba lithole ngemithombo yalo engaphakathi kwiChiefs ukuthi u-Ekstein odlala endaweni efanayo nalaba badlali, usefuna ukukhululwa uma kuphela isizini ngoba uyabona sekuthandwa kakhulu laba badlali abasha.

U-Ekstein ubeyisithandwa sabalandeli beChiefs ngesikhathi laba badlali bengakafiki. Nokho seligaya ngomunye umhlathi njengoba sebehlanyiswa nguStash odlalile nakowayizolo yize engene ngesiwombe sesibili.  

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...