Ushukumise inkundla ePort Shepstone uSomnandi eshaya ingoma

2017-10-09 18:02

Abaculi bakaMaskandi bakhale ngabahleli bemicimbi abaqondanisa imicimbi nokuyinto ebalimaza kakhulu uma bebhukhwa ezindaweni ezahlukahlukene ngosuku olulodwa.

Lokhu kubonakale ngoMgqibelo, njengoba bekunomcimbi owaziwa ngeSiqhatha Izinkunzi Maskandi Festival ePort Shepstone, kanti futhi ngalo lolo suku bekunomcimbi iMvunge kaMaskandi kwaDukuza.

Abantu abebehambele umcimbi obuseShepstone bathuke babona abaculi abathandwa kakhulu bangena belandelana beshiyelana inkundla, kungakashayi nehora lesihlanu.

Yize kubajabulisile abantu ngoba akuvamile ukuthi izinkunzi zikaMaskandi zisheshe ukufika uma kunomcimbi.

Kuyaziwa ukuthi kuqala amavukane, asine adedelane kuze kuhwalale ngaphambi kokungena "koqhawe lami."

OLUNYE UDABA:Bekusindwe ngobethole kowamaNtshontsho kaMaskandi Awards

Ngokubika kwephephandaba iLANGA, uMjikijelwa "iChalaha likaShafuza" Ngubane uzikhalele kubahleli bemicimbi ngokuthi bangaphinde baqondanise imicimbi.

Lo mculi ukhale kakhulu nangesikhathi adlele ngaso kungakashayi nehora lesihlanu ethi akajwayele ukudlala ngalesi sikhathi.

Yize kunjalo, umcimbi uhlabele mgama, kwangena uThokozani Langa eshaya ingoma yakhe ethi, amabrazo, kwashukuma inkundla.

USomnandi uncome abahleli bemicimbi wabanxusa ukuthi bangapheli amandla baqhube njalo nomsebenzi. Ubesho lokhu ngoba kubonakale bebancane abantu abahambele lo mcimbi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...