Ushiye usana owelwe udonga

2017-10-12 11:04

Durban - Uyabalisa umndeni wowesifazane waseMlazi, eningizimu yeTheku, oshone emuva kokudilikelwa wudonga ngoLwesibili esibhedlels iPrince Mshiyeni kulona leli lokishi.

Umndeni kaSizakele Chala, 29, uthi kusenzima ukwamukela ukudlula kwakhe emhlabeni njengoba eshiye ingane enezinsuku ezingu-7 izelwe.

Kubikwa ukuthi umufi ushone, ubeyokwenzela ingane isitifiketi sokuzalwa kanti uzokwehlelwa yilo mshophi esephindela ekhaya.

UMuzi Chala onguyise kamufi, uthi kusebuhlungu okwehlele umndeni wakhe njengoba indodakazi yakhe ishone isizogoduka.

Uthi uyacabanga ukuthi ivinjezelwe yimvula yakhosela kulolu donga kanti yolona oseluzothatha umphefumulo wayo.

Uthe babonga uMdali ngoba umzukulu wakhe-ingane kamufi-isindile, kuyimanje isesibhedlela.

USgwili Mvula wasePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natalkodwa oseMlazi ngokomsebenzi obeseduze kwaChala ngesikhathi sesigameko, uthi akazazi ukuthi usinde kanjani.

Uthi bese kuphelile abekuyele kulesi sibhedlela ngesikhathi kuqala imvula enamandla emvalele wangakwazi ukuhamba. Uthi uncike odindeni olukulesi sibhedlela ngenhloso yokukhosela yena nabesifazane ababili (abashonile).

Izolo ongqongqoshe beminyango ehlukene bahambele izibhedlela nezindawo ezikhahlanyezwe yilesi siphepho ukubheka umonakalo owenzekile.

Baqale eKing Edward, okungesinye salezo eziphazamisekile ngoLwesibili njengoba lapho kulindelwa khona amafayela kugcwale amanzi kwaphoqa ukuba abantu balinde phandle.

UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natala. uDkt Sibongiseni Dhlomo, uthe zikhona izihlelo zokulungiswa kwalesi sibhedlela njengoba sesisidala kakhulu, yize ethe ngeke sibe seqopheleni eliphezulu ngoba kunezinhlelo zokuba sakhiwe kabushaeCato Manor, eningizimu yeTheku.

Uthi bazosilungisa kuqhubeke ukusebenza. UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uWeziwe Thusi, ugxeke abasabalalisa izithombe ezingamanga ezinkundleni zokuxhumana.

Uthi izikole ezikhahlamezekile KwaZulu-Natal zingu-42.

IMeya yeTheku uZandile Gumede, ithe kunesamba semali esibekiwe, esibhekele ukunwetshwa kwamapayipi ahambisa amanzi ukuzama ukugwema lokhu.

 - ILANGA

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...