Ushiye phansi ibandla onukwa ngokuthakatha

2017-11-23 12:30

Durban - Ushiye phansi ibandla owesifazane waseHammersdale entshonalanga yeTheku othi unukwe yindodakazi kamfundisi wakhe ngokuthi uyathakatha.

UNkz Sibongile Dlamini, obekhonza e-African Catholic Church of Zion, utshele ILANGA ukuthi uzibone engasaphephile kwabanye abazalwane emuva kokuba enukwe ngokuthi uyahambahamba.

Uthi le ndodakazi kaMfu Thinabantu Gwala, uNkz Malondi Gwala, imthukile emuva kokuba kubekhona ukungaboni ngasolinye phakathi kwayo nendodakazi yakhe kubangwa umfana wakuleli bandla obethandana nawo womabili la mantombazane. Kuthiwa isoka leli ligcine limkhulelisile uNkz Gwala kwabe sekuxatshanwa.

"Le ngane ingifonele yangehla, yasho konke ekuthandayo yathi ngiyathakatha vele uyise uhlale esho. Le nto ingicasulile ngabe sengixhumana nomfundisi. Uvele wangibhokela ngolaka wathi yena akayikhulumi indaba yomathandana, uzoshaya umfazi ashaye kwangane, akayingeni indaba yezingane nabafazi. Kungihlukumezile okushiwo yile ngane," kusho uNkz Dlamini.

OLUNYE UDABA: Uphilisa okwenyamazane umfundisi osolwa ngokuthakatha

Utshele ILANGA ukuthi sekunamasonto engasalubhadi esontweni ngenxa yokunukwa kwakhe ngokukhunkula. Uthi ukubhoka kukaMfu Gwala kukhombise ngokusobala ukuthi kukhona akwaziyo ngale nkulumo. “Kangikwazi nokuqhubeka nenkonzo ngoba ngizobhekwa kabi ngabanye abazalwane," kusho yena.

Ethintwa uMfu Gwala, uphike walala ngomhlane ukuthi kunenkulumo ayisho endodakazini yakhe efana nalena. Uvumile ukuthi sekunesikhathi eside bemgcinile ebandleni uNkz Dlamini, wathi kodwa ubengasazi isizathu.

Utshele ILANGA ukuthi yena akamnukeli ekhoneni umzalwane kodwa umqonda ngqo phambi kwebandla ngoba usebenza ngomoya aphinde alaphe.

"Into engahlangene nami kangithandi ukuyikhuluma ngoba kulo muzi kasizwani ngokukhuluma. UNkz Dlamini ungifonelile engibikela ngathi kuyena makafike lapha ekhaya sizoyikhuluma le nto ngoba bese ngiyibuzile le ngane yami yathi kayikaze yona imthuke umzalwane," kusho uMfu Gwala.

UNkz Gwala uthe kungamampunge ukuthi uke waphimisa igama lokuthakatha. Uthi empeleni uNkz Dlamini ukhiphe elokuthi le ngane ayizele (uNkz Gwala) ngeyomunye umfana hhayi lona okuxatshanwe ngenxa yakhe.

"Umama (uNkz Dlamini) nguyena obezama ukungihlaza phambi kwebandla ngale ndaba. Angalinge afake ubaba ezintweni ezingamthinti," kusho uNkz Gwala.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...