Ushiye isigubhukane owoKhozi FM

2018-01-28 15:38

Durban – Wesule emsebenzini kungazelele muntu umdidiyeli wezinhlelo oKhozini FM uSma Mbatha-Mathibeli, oshade nempunyela yakwaMathibeli, uCalvin.

USma usule ngoLwesine nokuyilo agcine ngalo emsebenzini wokudidiyela uhlelo lwantambama iWoza Nabangani Bakho olwethulwa nguTshatha Ngobe ngokubambisana noSelby Mkhize.

Uphinde adidiyele nolukamasikandi lwangoMgqibelo uuSigiya Ngengoma, olwethulwa nguNkosinathi Mshengu noBheka Mchunu.

Abazishwashwathayo bathi ushiya nje yingoba bese bumuncu ubudlwelwano bakhe noMphathi Wezinhlelo uZandile Tembe.

Kuke kwabikwa kaningana emithonjeni yabezindaba ukuthi laba kabatholani, kwathiwa ingxabano yabo isukela endabeni engahlangene nomsebenzi kodwa imayelana nesikweletu semali thizkeni okwakubolekwene yona.

Nokho bona bebeyiphika indaba yalesi sikweletu. Kuthiwa uSma ufike emsebenzini wazisa yena uZandile ukuthi hhayi ucu kalusahlangani, kwahlukanwa kanjalo ngalolo suku.

Ethintwa yiLANGA LangeSonto akazange ashone ezintangeni njengoba ubejwayele ukwenza kodwa uvele wavuma ukuthi impela usehlukene noKhozi FM.

“Akukho lutho esingalukhomba sithi luholele ekwesuleni kwami ngale kokuthi bese kuyisikhathi sokuba ngihambe. Kangishiyile futhi emsakazweni kodwa ngishiye oKhozini FM.

“Thina sisebenza ngezinkontileka kakunasidingo sokuba sifake incwadi yokwesula kunesikhathi ngenxa yemigomo yokuqashwa ngaphansi kwayo,” esho.

Thola udaba oluphelele kwiLANGA LangeSonto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...