Ushaywa wuvalo umqeqeshi wePirates

2017-03-12 11:30

Durban – Kudlala ibhulukwe kuKjell Jonevret ongumqeqeshi we-Orlando Pirates ngama-amesha azobhekana nawo kwiLast 32 yeNedbank Cup.

IBucs izodudulana ne-EC Bees edlala kuSouth African Football Association Eastern Cape ABC Motsepe League namuhla ngeSonto ntambama esISA Dukashe Stadium.

IBucs ibhekene nalo mdlalo nje, izinto kaziyihambeli kahle njengoba isigijime imidlalo engu-13 inganqobi, kubika ILANGA LangeSonto.

UJonevret uthi ngeke alokothe athathe amashansi ngezimbangi zakhe ngokuthambisa isikimu kwazise unovalo ngazo njengoba engazazi nakuba zidlala esigabeni esiphansi kakhulu kunokugijima kuso amaBhakabhaka.

OLUNYE UDABA: IKaizer Chiefs icathamela umgadli we-Orlando Pirates

“Kulo mdlalo ngeke nangengozi ngithathe amashansi, ngizobophela isikimu samiesiqinile. Lo mdlalo kufanele noma kanjani siwunqobe ukuze sibuyise isithunzi sethu nokuzethemba.

“Kodwa-ke ngeke ngikufihle ukuthi nginovalo ngale kilabhu ngenxa yezizathu ezithile. Okokuqala nje kangiyazi ukuthi idlala kanjani futhi kangitholi lutho ngayo kanti nenkundla esiya kuyona kangiyazi,” esho.

UChippa Njedu ocija iBees uthe ngeke bayibuke iBucs izicanasele kubona.

“Lo mdlalo uzokuba mnandi kakhulu futhi lokho kangikungabazi. Okumqoka esikuyelayo kuwona wukufunda ngoba iPirates kudala yaba khona ebholeni. Kodwa-ke lokho kakuchazi ukuthi sizoyibuka izenzele umathanda sizokulwa, futhi uma izosithatha kancane kukhona okuzoyethusa,” kusho uNjedu.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-31°C Rain showers. High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C Light rain late. High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...