UShabba ukhala ngesinyama kwiChiefs

2017-05-11 19:29

Durban - Usola isigcwagcwa akholwa wukuthi yiso esenze baphuma embangweni wesicoco se-Absa Premiership umdlali weKaizer Chiefs ongaconsi kubalandeli bale kilabhu.

IChiefs izogadulisana nePolokwane City kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ngo-18:00 eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.

IChiefs iya kulo mdlalo nje, vele sekucacile ukuthi ngeke isasithola isicoco seligi emuva kokudlala ngokulingana ngo-1-1 neLamontville Golden Arrows eFNB Stadium, eSoweto, ngeledlule.

USiphiwe "Shabba" Tshabalala ovutha engabaselwe kulezi zinsuku, uthi kuzofanele basukume njengoba kucaca ukuthi ezakhe zihaqwe yisigcwagcwa.

OLUNYE UDABA:I-SAFA izomethula NgoMsombuluko uBaxter

"Uma ubheka selokhu kuqale isizini silahla amaphuzu emidlalweni okusuke kufanele ngabe siyayinqoba kodwa kugcine kusibhedele. Bheka nje kamuva sikhavwa umdlalo sesihambile nawo kuvele kungacaci ukuthi kwenzakaleni sonke sisale sibuzana. Kuyacaca ukuthi kukhona isigcwagcwa esihamba naso okuzofanele sisisukumele kungaze konakale izinto eziningi," kusho uTshabalala.

Uthi uyavuma ukuthi sekuphelile ngabo kwiligi kodwa lokho kakuchazi ukuthi bazogebisa amakhanda.

"Sifuna ukuyinqoba yonke imidlalo esele ukuze sibone ukuthi amaphuzu esizowathola azosibeka kuphi. Sizoqala ngawo lo mdlalo wePolokwane City. Siyakuqonda ukuthi ifuna ukuqinisa indawo yayo kwi-top 8 kodwa nathi sifuna ukusonga siphezulu kwi-log. Lo mdlalo uzokuba mnadi ngoba nePolokwane idlala ibhola elihle. Kodwa-ke esikuyela kulo mdlalo ngamaphuzu amathathu hhayi okungaphansi kwalokho," kusho uTshabalala.

URodney Ramagalela umgadli wePolokwane, uthi ngeke bayidedele iChiefs nangengozi.

"Ngikholwa wukuthi yiChiefs enengcindezi hhayi thina. Kulo mdlalo kuzobe kugcwele abalandeli bayo ngoba ilandelwa yonke indawo ngakho-ke izokube izele iwini okuzoyifakela ingcindezi. Esizokwenza nje thina wukuyehlula ukuze siqinise indawo yethu kwi-top 8," kusho uRamagalela.

Imidlalo ye-Absa Premiership isiyonke ngale mpelasonto iqhathwe kanje:

NgoLwesihlanu
EMakhulong Stadium: Highlands Park vs Chippa United 20:00.

NgoMgqibelo
EPrincess Magogo Stadium: Golden Arrows vs Baroka FC 15:00.

ENew Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Kaizer Chiefs 18:00.

E-Athlone Stadium: Ajax Cape Town vs Bloem Celtic 20:15.

 - ILANGA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 19-29°C Showers early. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 16-22°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Passing showers. More clouds than sun. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...