Usezibona efana nomfelokazi odukelwe wumyeni wakhe

2017-04-11 07:06

Newcastle - Usephenduke umfelokazi owesifazane osekuphele iminyaka emibili umyeni wakhe engaziwa ukuthi uphi.

Kuke kwavela imibiko ethi uMlando Maphothwe Zondi, 68, ongumyeni kaThembi Virginia Zondi, 56, waphonswa eweni elisabekayo ngumlungu wepulazi ononya.

Kuthiwa lo baba wagcina ukubonakala ngonyaka ka-2015 egudla epulazini okungavunyelwe ukuhanjwa kulona ejahwa abantu.

Unkosikazi kaZondi uthi umyeni wakhe wayesehlala neshende kwesinye isitende eBlaauwboch, kodwa akananxa neshende lakhe ngoba nalo likhala isililo esifanayo.

UGabisile Nkosi, obehlala noZondi lo olahlekile, uthe kunomfana owabatshela ukuthi wayehamba noZondi begudla epulazini kwaqhamuka abanikazi bepulazi babajaha, kubika iLANGA.

UZondi wabaleka wangena emzini othile ecela usizo ngoba elimele.

Umama wakulowo muzi uthi bazama ukubiza i-ambulensi kodwa ayifikanga uZondi wagcina ethathwe amaphoyisa ethi azomhambisa esibhedlela.

Kuthiwa umfana wahamba nomlungu wepulazi wamshiya edolobheni laseNewcastle.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa acela ukufuniswa owesifazane odukile

Okudida kakhulu umndeni wakwaZondi wukuthi awekho amaphoyisa avuma eyokuthi athatha uZondi ethi amyisa esibhedlela.

Ngokusho kukaNkosi, lolu daba lwalusingethwe amaphoyisa aseNewcastle edolobheni hhayi awasoSizweni.

Yize kunjalo umama Zondi uthi yena wabikela amaphoyisa asoSizweni ngokulahleka komyeni wakhe.

"Saya emaphoyiseni asoSizweni sawatshela nangomlungu osolwayo. Sahamba namaphoyisa saya epulazini lakhe lo mlungu, kodwa ngangivalelwe ngemuva evenini angizange ngiyizwe kahle inkulumo yabo," esho.

Umama Zondi uqhubeke wathi amaphoyisa amtshela ukuthi azosebenzisa izinja ezizohogela umkhondo kuleli pulazi ngemizamo yokuthola umyeni wakhe.

Okhulumela amaphoyisa asoSizweni uSizwe Nxumalo uthe umphathi siteshi uzoxhumana nomndeni wakwaZondi aphenye ngenqubekela phambili ngalolu daba.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Drizzle. Morning clouds. Cool. Pta: 12-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C High level clouds. Mild. Bloem: 13-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-24°C High level clouds. Mild. PE: 13-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...