Usethuka izanya umculi kaMaskandi odutshulwe yisoka likadadewabo

2017-05-18 18:03

kwaNibela - Usethuka izanya umculi kaMaskandi osinde ngokulambisa edutshulwa amahlandla amabili yisoka likadadewabo.

UNkululeko "Mbhodobhodo" Mdlalose ubesekhaya nomndeni wakubo kwaNibela eMkhanyakude ngesikhathi kwenzeka lokhu.

Lo mculi udutshulwe esiswini kanye naseqolo ehlaselwa wuJoel Sangweni, 42, oyisoka likadadewabo uZodwa Mdlalose.

Kuthiwa leli soka linengwe wukuthi uMbhodobhodo ufaka udadewabo emculweni kaMaskandi engazange abonisane naye kuqala.

USangweni ugasele kwaMdlalose ngoLwesihlanu kusihlwa ephethe izibhamu ezimbili wafika wabuza kuMbhodobhodo ukuthi uphi udadewabo nokuthe uma engaveli wadedela inhlamvu kusibali wakhe ngoba ethi intombi yakhe ifihliwe.

Exoxa nabeLANGA uMbhodobhodo uthi uSangweni uke wakhononda ethi akayifuni le nto yomculo. Uthi isenzo sikaSangweni simethuse kabi ngoba ubengakaze akhiphele udadewabo ngisho indibilishi le, akakaze ahlawule ngisho izingane zakhe ezimbili.

OLUNYE UDABA: Seliphenduke iqaqa iGcokama Elisha

"Usibali uke wawusabisa umndeni wami kodwa lokho kwabuye kwadlula. Okungixaka kakhulu wukuthi udadewethu wondliwa ekhaya futhi uhlala khona, bona bayahlangana nje ngokuvakashelana njengoba benabantwanja othandweni lwabo.

Eminyakeni edlule sathatha izingane zabo sazihambisa kudadewethu eVryheid ngoba sizisondezela isikole kwazise zihamba ibanga elide.

"Ukhonondile nalapho wathi thina sithatha izinqumo ngezingane zakhe yena engazi lutho ekubeni lingekho neqhaza alibambile ekukhuleni kwazo," kusho lo mculi.

Lo mculi uthi usibali wafika elawini lakhe wamtshela ukuthi uzwile ukuthi udadewabo ulotsholwa yisiqumama.

"Ngithe ngimbuza ukuthi ngihlanganaphi mina nezindaba zabo, wavulela ngenhlamvu," kuqhubeka yena.

Okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala uthe kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-42 ubudala.

"Umsolwa uvele enkantolo kaMantshi eMtubatuba kanti futhi amaphoyisa aseHluhluwe asaqhubeka nophenyo," kusho uGwala.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...