Usephumele obala ngokuxoshwa kwakhe owayenguNdunankulu

2017-11-23 16:03

eThekwini - Ubhoboke okokuqala ngqa ngokuxoshwa kwakhe ngabaholi abebesebasha ezikhundleni obengundunankulu wakwaZulu-Natal, uSenzo Mchunu, okhonjwe indlela ngoNhlaba.

Lokhu kwenzeka ngemuva kwezinyanga eziyisi-6 kudlule ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal ibingowezi ebimhla ziyisi-5-8 kuLwezi wezi-2015 eMgungundlovu.

Ekhuluma neLANGA esemzini wakhe oseMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, uMnu Mchunu uthi  sekuyisikhathi sokuthi abantu bazi ukuthi akaxoshwanga nguMengameli Jacob Zuma futhi ubengeke axoshwe nguyena ngoba ondunankulu kababekwa nguyena, babekwa yizishayamthetho. 

Uthi uMnu Sihle Zikalala ongusihlalo we-ANC KwaZulu-Natal noMnu Super Zuma ongunobhala, yibona ababhale umqulu onezizathu zokuthi kungani kumele axoshwe, bawuthumela kumengameli yena wabuyisa impendulo yokuthi makube yibona abamkhomba indlela. Nempela kwaba kanjalo.

ILANGA liwubonile lo mqulu onamakhasi abalelwa e-10.

"Laba abangixoshile ngabantu abasha, abangazi lutho nge-African National Congress. UMnu Super Zuma uxosha mina nje, ubesenamasonto amathathu engenile esikhundleni akusona.

OLUNYE UDABA:Uncamela ukuxoshwa kunokwesula esikhundleni uNdunankulu - Imbiko

Phakathi kwalezi zizathu abangixoshele zona, bathi ngandise isibalo sezisebenzi ngokuphindwe kabili uma kuqhathanisa nesikhathi esifanayo kusaphethe uDkt Zweli Mkhize.

Basho le ntonje, kabukho ubufakazi obuphathekayo ababubeka kulo mqulo. Bathe nginobudlelwano neNational Freedom Party (NFP) futhi ngilande inqwaba yabantu abaningi bangakithi asebesebenza nami.

Lo mqulu ngisazowunika abezindaba bawubone nabo. Ngixoshwa nje, kangikaze nginikezwe ithuba lokuziphendulela ngalezi zinsolo. Kabukho nobufakazi ababuvezayo bokuthi yibaphi laba bantu engibaqashile.

Ingane yami eneziqu, sekuphele iminyaka emine ingasebenzi. Bengingagcwalisa abantu emsebenzini kanjani kodwa eyami ingane ingasebenzi?” kusho uMnu Mchunu.

Uthi uMnu Zuma akazange amnikeze nethuba lokuthi achaze uhlangothi lwakhe ngamanga abequkethwe kulo mqulu. "Kungimangalise kabi uma uMengameli Zuma esegijima eya enkantolo edinga ukunikezwa ithuba lokuchaza ngombiko ka-Adv Thuli Madonsela kodwa ebe ehlulekile mina ukunginika ithuba lokuchaza.

Ngesikhathi elapha KwaZulu-Natal ezokhuluma nabo (ubuholi baKwaZulu-Natal), uthe benze iphutha udaba lokulalela uhlangathi lwami balushiya phakathi, bagcina bengafikanga esiphethweni kodwa wangabe esechaza ukuthi yikuphi abazokwenza ukulungisa lokhu. Uphinde walushiya lulenga lunjalo," kusho uMnu Mchunu.

Ethintwa yiLANGA uMnu Zuma (Super) izolo ngoLwesithathu, uthe kayikho le nto eshiwo nguMnu Mchunu - ukuthi waxoshelwa ukuba nobudlelwane neNFP, ukuqasha abantu bangakubo nokwandisa ngokuphindwe kabili isibalo sezisebenzi ehhhovisi likandunakulu.

"Umqulu esinawo thina kawusho kanjalo, uMnu Mchunu akazange axoshwe kodwa wesula. Ubengaze axoshwe yithina nje kanti wayebekwe yithina yini ngoba wabekwa yisishayamthetho?

UMnu Mchunu makangathi uma esebona ukuthi wenze iphupha ngokwesula bese esola wonke umuntu," kusho uMnu Zuma.

ILANGA lizamile ukuxhumana noMnu Zikalala kodwa obambe ucingo lwakhe uthe usemhlanganweni okuze kwashaya isikhathi sokuloba esavaleleke kuwona.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...